UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi ikhona inhlansi yethemba ngomasipala oyinhlokodolobha yesifundazwe, uMsunduzi.
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi ikhona inhlansi yethemba ngomasipala oyinhlokodolobha yesifundazwe, uMsunduzi.
UZikalala uthi sekuqalile ukuthunyelwa kwezidingo emiphakathini engaphansi komkhandlu, wathi kungekudala umasipala ungase uphume ngaphansi kweso lomlawuli.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehambele umkhandlu njengengxenye yokwethula umkhankaso owaziwa ngeMasakhane. Inhloso yomkhankaso ukugqugquzela abantu ukuthi bakhokhele izidingo.
Sekuneminyaka ecishe ibe mithathu umasipala usebenza ngaphansi kweso lomlawuli.
UZikalala uthe bazocubungula ukuthi ngabe sisekhona yini isidingo sokuthi umasipala usebenze ngaphansi kweso lomlawuli njengoba umahluko usuyabonakala.
“Sesiyalubona ushintsho ekuhanjisweni kwezidingo, ikakhulu ekuhlanzweni kwedolobha. Izinto eziningi sezimi ngendlela, kuyabonakala ukuthi umkhandlu uyasebenza. Labo abangalandeli umthetho sebethathelwa izinyathelo.
“Ezinyangeni ezintathu sizocubungula ukuthi ngabe kufanele yini ukuthi umkhandlu uqhubeke nokuhlala ngaphansi kweso lomlawuli. Sekungaba yiwona umkhandlu ozicelelayo ukuthi kube khona ukungenelela esikwenzayo uma ubona ukuthi awukakakulungeli ukuzimela,” kuchaza uZikalala.
Ohambeni lwakhe lwaseMsunduzi, ungqongqoshe uhlangane nezinhlaka ezihlukene, wase ezigqugquzela ukuthi zikhokhele izidingo zikamasipala.
UMsunduzi ungeminye yemikhandlu ekweletwa izigidi zamaRandi, ingxenye enkulu ikweletwa osomabhizinisi neminyango kahulumeni. Lesikweletu sidale ukuthi umkhandlu uqhamuke nohlelo olubizwa ngeSiqoqa amamillion, lapho khona wanqamula ugesi ezikhungweni zikahulumeni nasezindaweni zosomabhizinisi abawukweletayo.
UZikalala uthe abantu abaningi bazibophezele ekutheni bazokhokhela izidingo. Wengeza ngokuthi kubalulekile ukuthi abantu bakhokhe izidingo ukuze imikhandlu izosebenza ngendlela.
Ukhale kakhulu ngosomabhizinisi wathi kukhona abazixhumela ngokungekho emthethweni ugesi kanye namanzi.
“Lokhu asihambisani nakho futhi bazothathelwa izinyathelo labo abazixhumela ugesi namanzi ngokungekho emthethweni.”