UMPHATHISWA woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usenxuse ukuthi idlelane amabhelebhele phakathi kwezigodi ezimbili KwaNongoma okukholakala ukuthi zibhekene ngeziqu zamehlo, osekudlule nemiphefumulo yabantu.
UButhelezi, obehambisana nobuholi bomdabu, abamele indlunkulu kaZulu nezimeya kuMasipala waKwaNongoma nowaseZululand izolo, ubenomhlangano namalungu omphakathi wasoNyango naKwaMusi. Lokhu kungenxa yokufa kwabantu balezi zigodi zombili okukholakala ukuthi yizenzo eziholwa yintshisekelo yokuziphindiselela. Sebeyishumi asebebulewe kulezi zehlakalo.
Ekhuluma nabebethamele umhlangano obusenkundleni yezemidlalo KwaMusi, ugcizelele ukubaluleka kokuyekelwa komthetho ukuthi usebenze ekuphenyeni ngalezi zigameko ezenzeka emphakathini.
“Umhlangano lo, awube yisiqalo sokuqeda lesi sihlava esenzeka kulezi zigodi. Kumele sibambane njengomphakathi ukubuyisela uxolo nokuqinisekisa ukuphepha kwabantu abahlala kule ndawo,” usho kanje uButhelezi.
Selokhu kuqubuke lokhu kubulawa kwabantu, kuthiwa sekuphazamise ukufunda ezikoleni ezakhele lezi zigodi, nezakhamuzi zilala emahlathini ngenxa yokwesaba.
UButhelezi uthembise ukusebenzisana neminye iminyango kahulumeni ukuqinisa ukuxoxisana nomphakathi ikakhulu njengoba kusondela isikhathi samaholidi kaDisemba.
Uvakashela kule ndawo nje, kuthe ngoLwesihlanu amaphoyisa abopha abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-36 okukholakala ukuthi bayathinteka ekubulaweni kwabantu kule mpi, okuthiwa batholwe nezibhamu nezinhlamvu. Bavele izolo enkantolo KwaNongoma.
Ukuqubuka kwale mpi kukholakala ukuthi kokhelwe ukubulawa komfundi uSeluleko Zondi (17) obefunda u-grade 12 eSihlahlasenkosi. USeluleko, okuthiwa ungowasoNyango, kuthiwa wagwaza omunye umfundi ngaphakathi emagcekeni esikole emva kwengxabano okuvela ukuthi yayiqale ngaphandle.
Ngemuva kwalokho, kuthiwa kube nabantu abadutshulwayo balezi zigodi zombili okusolwa ukuthi yizenzo zokuziphindiselela. Esehlakalweni sakamuva ngenyanga edlule, kwadutshulwa abantu abebezihlalele esitolo esiKwaMusi, kwashona ababili. Kubikwe nezinye izigameko zokuntshontshana ngokudubulana kwabantu bakulezi zigodi abahlala emahostela aseGoli ngokomsebenzi.