UNGQONGQOSHE wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Sihle Zikalala uthi usedidiyele ithimba lezinhlaka ezehlukene ukuthi liphuthume udaba lokuqhuma okwenzeke emgwaqeni uBree, eGauteng. Izinsolo ezikhona ezokuthi kuqhume igesi okuthiwa ipayipi layo lihamba ngaphansi komhlabathi.
Kusabalale ividiyo iveza ukuqhuma emgwaqeni uBree, maphakathi nedolobha eGoli, lapho okulimale khona izimoto nabantu bagcwaliswa izibhedlela. Umgwaqo uvaliwe ukuze kuqhubeke uphenyo ngoba bekungaziwa ukuthi yini imbangela yokuqhuma. Kubonakale izimoto zigxuma ziya phezulu ezinye ziketuka zigingqika, kubonakala abantu bebaleka.
UZikalala uthe udidiyela ongoti kwezokwakha, onjiniyela nezinye izinhlaka ezithintekayo ukuthi ziyolubheka lolu daba. UZikalala uthe inhloso wukuthi kulungiswe isimo sibuyele kwesejwayelekile kuqhutshekwe nempilo.
UNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi uthe uhulumeni uyalucubungula udaba lokuqhuma. Uthe uphenyo lusabalele ngoba lufaka namaphoyisa abawabikelile ngalolu daba. Uhulumeni unxuse abantu abalokhu befika bezobuka ukuthi bangasondeli ngoba indawo ivaliwe futhi akuphephile ukuya khona.