INHLANZI izoshelwa amanzi kubasebenzi abazixebulela umkhoma emalini kahulumeni ngokukhuphula intengo yezimpahla ngokuphindaphindiwe ngenhloso yokuzicebisa.
Lokhu kuza emuva kokuthi uNgqongqoshe wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Sihle Zikalala, ejube uphenyo efuna izimpendulo ngakusola ngenkohlakalo.
Umvusi wenyamazane kube wukulungiswa kwekhishi lenye yezindlu okuthiwa kubize uR1.4 million, kwathengwa amakhethini ngoR500 000, kwasetshenziswa uR240 000 kufuthwa ngesibulali magciwane.
UZikalala ujube uphenyo ngokuthengwa kwezimpahla nokulungiswa kwezindawo okuhlala kuzo abaholi balo mnyango emizini yabo esePitoli naseCape Town.
Ukhiphe isixwayiso esishubile, wathi bazolutheza olumanzi labo okuyotholakala ukuthi bebenza inkohlakalo bezicebisa ngemali kahulumeni.
Udalule nokuthi uzombikela uMengameli Cyril Ramaphosa ngohlelo lwabo lokukhuculula ukungcola okuyamaniswa nalo mnyango ohlelweni lokulungiswa kwezindlu zabaholi.
“Umengameli ukhiphe umyalelo ewubhekise kongqongqoshe wathi bangalokothi babekezelele izenzo zenkohlakalo nokumoshwa kwemali noma kanjani. Lo mkhuba udweba isithombe esibi ngabaholi ngoba kuba sengathi yibona abathe akwenziwe lo mkhuba omubi,” kusho uZikalala.
UZikalala uthe ufuna umnyombo walokhu ngoba inyuswe kakhulu le mali esetshenzisiwe uma uyibuka ngamehlo enyama.
Uqhube wathi kumele babe yisibonelo esihle ngaso sonke isikhathi ngokuthi basebenzise imali ngendlela okulindeleke ukuthi isebenze ngayo.
“Icace bha imithetho elawula ukuthengwa kwezimpahla futhi ayibafaki abaholi abakhethiwe (osopolitiki) ekuthengeni. Uphenyo luzobheka indlela esetshenzisiwe kuthengwa bese iqhathaniswa nentengo yezimpahla. Konke kuzohlala obala ngoba okwethu ukuqinisekisa ukuthi izinto zenziwa ngononina,” kusho uZikalala.