Ezinsukwini zanamhlanje uzikhethela wena ukungazi ukuthi umi kuphi ngesifo sikashukela, empeleni yilowo nalowo wazi kahle ukuthi uma ekhethe ukungazazi lokho kufana nokuthatha isijula uzipheqeze amahlombe, akuhlukile nokuzifaka ekhozeni lesihogo somlilo amehlo uwavule omabili. Kweledlule sikhihlize amagwebu ngichaza ngithi isifo sikashukela iType II Diabetes siyelapheka siphele uphume emishanguzweni yaso ngisho noma ngabe usuyawujovela akukhathalekile ukuthi mingaki iminyaka unalesi sifo. Ngiyanxusa ngiguqe ngawo omabili wonke umuntu akathathe isinyathelo sokwelapha ushukela, siphume kule mishanguzo! (Kulolu hlelo engikulo kumele sikulalise esibhedlela sethu esiseMtubatuba izinsuku eziyisishiyagalombili ukuze sikhuculule amafutha esibindini sivule nemithambo kuvukuzeke imizwa, usinyaka ubuyele emsebenzini wawo wokulawula ushukela emzimbeni ngendlela efanele).
Le mishanguzo kashukela iyodwa nje ingushevu ophindiwe. Abantu bakithi abaningi abanandaba nobushevu, angithi, le mishanguzo yafika nabebala futhi ibhalwe ngolimi oluthe phecelezi. Kunabantu bakithi othi noma ungabachazela kangakanani ngengozi abakuyo, bangafuni nokuthatha unyawo ngoba kubona sengathi benzela umbhali oyimina umusa thizeni uma belapha ushukela. Kukhona kuningi ukuziphakamisa okukhona ikakhulukazi ngoba umbhali eyileli bala, kubona ngabe kungcono ukuthi isexwayiso sikhishwe umuntu okungenani okhuluma olunye ulimi; ngeke benze into eshiwo yilo dokotela ngisho noma ngabe iphuse kangakanani. Lokhu kuyishwa eliphindiwe, asikhumbule ukuthi baningi abantu abasingungile abasifisela okuhle njalo wena ungebe nandaba nokuthi kwenzekani ngempilo yakho kodwa kubona lingena lishone inxeba uma uhlukunyezwa yile mpilo, okungenani yenzela bona. Angizenyezi nakancane ngebala lami, okungihluphayo wukuthi kabuhlungu engikubonayo sidukuza ehlathini ngalesi sifo sikashukela. Yingakho namhlanje ngithi ukungazazi ukuthi umi kuphi, ukuqagela ungakaze uzihlole, yihlazo eliphindiwe.
Akumele ngichaze nanamhlanje ukuthi ushukela yilona bhubhane oluqengqeleza phambili kunazo zonke izifo ezisibulalayo kule lizwe lakithi. Ngiyazi ukuthi omunye uzothi ngisibekaphi isifo sofuba iTB? Iqiniso lithi selokhu kwathi nhlo isifo iTB besilokhu sinemishanguzo esilaphayo enamandla kwaziwa nje ukuthi uma uyisebenzisa ngendlela yakhona iyoligubhulula igciwane ngisho noma ngabe lisebuchosheni imbala; kodwa akunjalo uma ukhuluma ngesifo sikashukela.
Kushukela besilokhu sitshelwa kuthiwa awelapheki imishanguzo uyidla uwaya waya kodwa sesiyazi namhlanje ukuthi lesi sifo siyelapheka siphele uhlukane nemishanguzo yaso ngisho noma ngabe bese ujova.
Isifo sikashukela sinemiphumela eminingi ephehleka ngenxa yaso, ngikhuluma ngokunqundeka kwamehlo kokunye ugcine sewengulwa, isifo sohlangothi i-stroke sansondo, ukuthikamezeka kwemizwa nemithambo ugcine usunqanyulwa leyo ngxenye yomzimba ethintekayo, ukufa kwezinso kuholele ekutheni ugcine usuhlanzwa izinso ngemishini yakhona.
Isifo sikashukela ungakwazi ukusibamba singakazivezi ngokuphelele kuwe. Zingane zakwethu, bobaba, bomama, nabancane ngicela siyizwisise le engiyichaza manje: Isifo iDiabetes Type II uyakwazi ukusihlolela usithole sise le kude, ungakakwazi ukusibamba egazini ngokucofwa ngomshini kashukela lo ojwayelekile. Ngiyaye le nto ngiyifanise nembiza enokudla okonakalayo njengoba ivalwe ngesidikiselo. Angithi lokhu kudla kuthatha isikhathi eside ukuthi ukuzwakale iphunga ngaphandle kwale mbiza. Angiphinde, ngithi leli phunga lingathatha neminyaka engaphezudlwana kweshumi ukuzwakala lihogeleke ngaphandle kwembiza.
Ngichaza ukuthini ngalo mzekelo? Uma uhlola ushukela emzimbeni ngalo mshini ojwayelekile othatha ithonsi legazi uliconsisele bese kuphuma inani, wena ufana nalo muntu ofokisa iphunga ngaphandle okanye emaphethelweni embiza. Ngithe kungathatha isikhathi ukufinyelela kwephunga ngaphandle, lokho akusho ukuthi alikho uma ithonsana legazi emshinini lithi izinombolo zikashukela zikahle; okufanele ukwenze ukuvula isidikiselo sembiza uhogele ukuthi azenzeki yini izinto ngaphakathi. Ngokuyeka ujabulele leli nani uzigwaza ngowakho ngoba uma kuthe kanti izinto zimbi ngaphakathi ukulimala kwezitho zomzimba kuzoqhubeka. Uzokwazi ukulungisa ungakalimali endukwini, emehlweni, kuvuthondaba, ezinsweni nakwezinye izindawo. Usivula kanjani isidikiselo sansondo? Kulula, ucela bakuthathe igazi bakuhlole i-fasting Insulin, okuyiyona ezokuchazela ukuthi azikonakali yini izinto, ngaleyo ndlela wazi isikhathi sisekhona ukuthi ukuphi noshukela. Uma ufisa ukwazi ukuthi kubiza malini ukuhlola ezindaweni zokuhlola uzothola ukuthi akufiki naku R250. Uma wenze njalo ungajabula-ke uma izinombolo ze-fasting insulin zingaphansi kuka 10. Uma uyohlolwa awukwazi ukuya udlile phela angithi? Uma zingezinhle izinombolo okusho ukuthi uma zingaphezu kuka 10, usuzoqala uzelaphe futhi kulula kakhulu ngalenkathi bese kuphebezeka eminingi imiphumela kashukela eshabalalisayo. Kulula zingane zomama, asizihlole sivule isidikiselo sembiza singagcini ngokujabulela ukungezwakali kwephunga.
Omunye uzobuza eqinisile ethi yini lokhu kuhlola kungenziwa njengenjwayelo ezikhungweni zezempilo? Ngisho abazimele abakwenzi ngoba impendulo eyiqiniso yile: lo muntu owasungula lo mshini wokucofela ithonsi uzibona engezukungenelwa imali uma kushintshwa futhi unemali eningi yokwenza ukuthi bonke abashaya imithetho kwezempilo badansele yena. Lapha angikhulumi ngabashaya umthetho lapha eMzansi kodwa ngiqonde kwabale phesheya kwezilwandle ngoba thina senza okushiwo yibona lapha kwelethu. Khumbula ukuthi saphoqwa ukulinda izwe elithile lize lifinyelele enanini elithile ngaphambi kokuvunyelwa ukugomela iCovid-19. Into efanayo nakulokhu kuyoze kuthande bona. Ziyazi iziphathimandla zethu ukuthi njengamanje sihogela iphunga ngaphandle kwembiza isidikiselo sivaliwe. Ziyazi ukuthi singasizakala kangcono uma sihlolelwa i-fasting Insulin, kodwa ngenxa yemali silapha esikhona.
Kodwa mina nawe akekho oyosalela uma sizihlola ukuze sihlale sazi ukuthi simi kuphi.
Wena osudla imishanguzo, kashukela iType II Diabetes iyelapheka iphele uphume emishanguzweni yayo ngisho noma ngabe usuyawujovela akukhathalekile. Kuthatha ukwelashwa ohlelweni lwethu izinsuku eziyisishiyagalombili ulalisiwe esibhedlela sethu.
Iqiniso lithi uma ufuna ukuphila awunaso isizathu sokuqhubeka udle imishanguzo kashukela, iType II Diabetes.
Asizihlole. Asizelaphe!
Mpilonde!