OWESILISA odubule wabulala unina wezingane zakhe ngaphambi kokuba azinqokloze naye, eMountain, eNewcastle ngoLwesine, ukhombise ukuzicabangela yedwa.
Lawa ngamazwi omndeni kaNksz Nonhlanhla Mbatha (33) kulandela isigameko.
Umfowabo kaNksz Mbatha, uMnuz Mxolisi Mbatha, elandisa ngesigameko, uthe senzeka ekhona naye ekhaya kanti isisusa sokuchitheka kwegazi kuthiwa kube yithelevishini.
Uthi udadewabo onezingane ezintathu nomsolwa; eneminyaka eyisishiyagalolunye, emihlanu nenezinyanga eziyisishiyagalolunye, ubatshelile ngaphambi kwesigameko ukuthi usethole ucingo oluvela kumsolwa ethi uzolanda ithelevishini yakhe.
“Uthe uma efika, ubeyimpi, efuna ngodli ithelevishini yakhe. Ngikhulume naye kahle ngimchazela ukuthi uzoyithola ngakusasa kodwa wangezwa mshini, waqhubeka nokuba yimpi,” kusho uMbatha.
Uthe kube khona ukuqophisana ngamazwi okude phakathi kukamsolwa nodadewabo, obebuza ukuthi uma esezophuca izingane zabo ithelevishini, zizosale zibukani?
Uthi bangenelele ngokuthi bakhiphe umsolwa kubo, bemkhumbuza ukuthi akakwazi ukufika khona ezosusa umsindo, azenzele isinoma yikanjani.
Uveze ukuthi udadewabo emva kokubona ukuthi uyahluleka ukuguqula umqondo kamsolwa ukuthi ithelevishini akangayithathi ngoba izingane ziyathanda ukuyibuka, uvele wathi kulungile akayithathe.
“Uphume nayo, wayomnika ngaphandle kwesango,” kusho uMbatha.
Uthe yilapho elinye ilungu lomndeni elibatshele khona ukuthi nakhu lizwa uNksz Mbatha ememeza etshela umsolwa ukuthi akaqhubeke amshaye.
“Kuthe kusenjalo, sezwa sekuqhuma isibhamu kabili, sagijima saya khona,” kusho uMbatha.
Uthe bafice udadewabo obedutshuliwe, esephelelwe amandla, esehleli phansi.
“Umlisa lona uthe uma esibona siza, wavele wazidubula naye esihlathini. Wathi uma ebona ukuthi akashoni masinyane, waziphinda futhi, esezidubula ekhanda,” kusho uMbatha.
“Ukhombise ukungazicabangeli izingane, ukhombise ukuzicabangela yedwa ngesenzo sakhe,” kusho uMbatha.
Uthe yize ebengayinaki indaba yokuthi kuqhubekani othandweni lukamsolwa nodadewabo kodwa, utholile ukuthi bebehlala ngokuxabana, umsolwa aze ambeke isandla udadewabo.
Umsolwa kuthiwa ubeshayela amatekisi kuthi lona wesifazane ezisebenza ngokuthi aluke amakhanda abantu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asoSizweni avule amacala amabili okufa kwabantu emva kokutholakala kwezidumbu zabantu ababili, owesilisa nowesifazane emgwaqeni ngoLwesine.
" Laba bobabili kuthiwa bebethandana ebese kuphele inyanga bengaboni ngaso linye. Ngosuku lwesigameko, lona wesilisa kuthiwa ubeye kubo kwalona wesifazane ukuyolanda ithelevishini yakhe," kusho uNetshiunda.
Uthe imbiko iveza ukuthi owesifazane uhambe waya endlini eyolanda ithelevishini, kwathi uma ebuya nayo, wadutshulwa wabulawa owesilisa, obuye waphendula isibhamu wazingqokloza naye.