UZIZWA ezelwe kabusha oshintshe isitho sowesilisa wafaka esowesifazane.
U-Aluta Humbane, odume ngelikaNtombi Ye'sgodi engawuthwali u-9 months, uthi njengamanje uzizwa eyintombi nto ngokuphelele.
U-Aluta ophinde abe isishoshovu samalungelo abantu, eLGBTI Centre, uveze ukuthi ujabule kakhulu ngemuva kokugcina esitholile isibhedlela sokwenza ushintsho esithweni sakhe sangasese.
U-Aluta uthe wayezalwe wanikwa ukuthi ungumfana, usekwazile ukuqondisa umzimba wakhe ukuthi ube ngowesifazane.
“Njengomuntu wesifazane owazaleka wanikwa ukuthi ungowesilisa, ngijabule kakhulu ngoba kade ngangifisa ukuthi ngiqondise isitho sami sihambisane nalokhu engikuzwayo ngokwemizwa, imicabango kanjalo nangokobulili bami,” kuchaza u-Aluta obehluleka nawukuzibamba injabulo.
Uthe ngisho nomthetho waseNingizimu Afrika ngaphansi kuka-Act 49 of 2003, uyakuvumela ukuthi ushintshe ubulili bube ilobu obufisayo hhayi lobu owanikwa bona, yize umthetho uvuma kodwa zikhona izingqinamba.
“Kubiza kakhulu ukwenza lolu shintsho, ungakhokha imali elinganiselwa kuR300 000. Izibhedlela zikahulumeni azikakalwenzi lolu shintsho. Kwamina kudingeke ukuthi ngiye eMthatha, eNelson Mandela Hospital, nakhona udokotela ulandwe eKapa, uDr Kevin Adams okunguyena ongungoti uma kuziwa kulo msebenzi wokushintsha isitho sangasese,” kusho u-Aluta
Uphethe ngokuthi ubephila kanzima njengoba ebengasithandi isitho sakhe sangasese kodwa namhlanje ujabule kabi njengoba esenenkomo. Uthe okuhle ukuthi ayikho into engekho, iyafana nje nezinye.
Uthe yize esabuzwa ubuhlungu kodwa useyangokuphola. Uveze ukuthi unaye umuntu athandana naye wesilisa. “Sesijahe kabi ukuthi siqale senze ucansi, nami sengiphelele njengomuntu wesifazane,” kusho u-Aluta othe banengane eyodwa eyafika nomuntu wakhe. Ube eseveza nokuthi bajabulile ebudlelwaneni babo.