UMSAKAZI woKhozi FM okuvele ukuthi unesifo somdlavuza, uZanele Mbokazi, useziphendulele esibonakalisweni senyanga yaseThekwini, uBhongolethu "Dr Khehlelezi, esasithi kunezidumbu ezimbili ezizophuma kulo msakazo emuva kwesikaBheka “Beekay” Mchunu.
UZanele uthe baningi abantu abamthumelele i-video kaKhehlelezi ekhuluma ngesibonakaliso athi usitshelwe wuNkulunkulu.
UZanele lokhu ukuveze ekhasini lakhe kwiFacebook.
Kulona uphinde waveza izindaba zokuthi usephumile esibhedlela futhi ubonga yonke imikhuleko ayitholile.
“Yize luselude uhambo olubheke ekutheni ngilulame, kodwa siyabonga kakhulu imikhuleko ngibuyile ekhaya,” kusho uZanele.
Ekhuluma ngokushiwo uKhehlelezi uZanele, uthe konke ukuzwe esesibhedlela.
“Lesi sibonakaliso siphume ngisesesibhedlela, mayelana nokuthi uNkulunkulu wathi ngizokufa ngalo nyaka. Lokhu kungikhumbuze u-Elijah nababholofithi baseBaal. Anohlolisisa imimoya njengoba ngiphikisana nalesi sipholofetho egameni likaJesu.”
UZanele uthe uyindodakazi kaNkulunkulu, ngakho usazophila futhi ngeke aze afe. “Ngizofakaza ngobuhle bukaNkulunkulu,” kuphetha uZanele okuvele ukuthi uxinwe yisifo somdlavuza.
Ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana, uKhehlelezi, oke walingisa kuZalo futhi wasakaza kwiVuma FM, uthe uboniswe ngalo mshophi ngoMgqibelo owedlule, ngezithuba zika-10.23 ebusuku ngesikhathi ethandaza.
Uthe uzwe izwi likaNkukunkulu limtshela ukuba avule uKhozi ngoba efuna abholofithe ngoKhozi.
"Ngibone ngalo nyaka izidumbu ezimbili emisakazweni. Ngithe 'Nkulunkulu usekhona oseshonile'. Uthe uNkulunkulu 'batshele ukuthi kusenabanye ababili abazoshona. Kukhona lo moya okumele uyothandazelwa oKhozini.'"
Eqhuba, uKhehlelezi uthe kuzodingeka abantu ababili bakaShembe, abaseZayoni ababili, izangoma ezinhlanu nezinyanga ezintathu.
"Labo bantu bahola umthandazo. Uze wathi uMoya oyiNgcwele kimi, uma bekwenzeka, labo bantu bekufanele bangene esiteshini, bephethe amakhandlela amhlophe. Ngibone amakhandlela amhlophe. Bengena sengathi bayakhuluma. Sengathi kunomuntu abazomlanda ngaphakathi. Kukhona into okufanele iyolandwa kabi, ewumkhokha, phakathi ezindlini zokusakaza."
UKhehlelezi uthe kusazogulwa kabi oKhozini, kubekhona abadlula emhlabeni. "Ngibone abantu bephathwa yizinyawo, abanye bephathwa yizibhobo bephakathi endaweni yokusebenzela."
Uthe kufanele kube nempepho eshiswayo ngoba lo msakazo unabantu abadala. "Kukhona umsebenzi owadlula emhlabeni owayengeve elithanda Ukhozi." Uthe uyafisa ukuya oKhozini kodwa uyazi ngeke bamnake ngenxa yempakamo.