UXOSHIWE umfundi wesifazane owenza ibanga leshumi, ngezinsolo zokuqhumisa ngempama uthisha esikoleni saseMnambithi.
Umfundi (19), esiligodlile igama lakhe ukuvikela isithunzi sakhe, wasendaweni yaseLusitania uzame ukuzibulala ngesonto eledlule, emuva kokushaya uthisha ngempama.
Kubikwa ukuthi ngesonto eledlule ngoMsombuluko, lo mfundi uye esikoleni njengenhlalayenza. Ngokusho komthombo, kuthe umfundi esekilasini wavukwa yizizwe kunothisha efundisa, ube esesukuma waqonda ngqo kuthisha wamvuthela ngempama.
Unina womfundi, uthe emuva kokuba ingane ishaye uthisha, ibuyiselwe ekhaya.
“Umntwana unenkinga yezizwe. Wafakwa izilwane. Sekuphele cishe iminyaka emithathu enale nkinga futhi nasesikoleni bayasazi isimo sakhe. NgoMsombuluko ngatshelwa ukuthi uvukwe yizizwe, washaya uthisha ngempama.
“Emuva kokuthi esebuyile ekhaya ufike wacela ukuphumula, okuthe uma esevuka watshelwa ukuthi kwenzekeni, ube esephuza umuthi wediphu (wokubulala amakhizane), ezama ukuzibulala.” kusho unina womfundi.
Eqhuba, uthe uthole ucingo esemsebenzini, obeluvela kudadewabo omncane okunguyena obesekhaya, ukuthi ingane isiphuze umuthi wediphu. Ube esephuthunyiswa emtholampilo lapho edluliselwe esibhedlela.
Elanda umama uthe indodakazi yakhe ihlale isonto lonke esibhedlela, yadedelwa. Kuthe uma esibuyela esikoleni ngoLwesithathu izobhala, uthishomkhulu wayitshela ukuthi ayidingeki emagcekeni esikole, ayibuyele ekhaya iyolashwa, ize ibuye ngonyaka ozayo.
Uthisha okusolwa ukuthi ushaywe wumfundi, wenqabile ukuphawula ngenxa yokuthi abavunyelwe ukukhuluma nemithombo yezindaba.
Okhululumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe lolu daba belungakafiki emnyangweni. Uthembise ukuthi luzolandelwa.
“Luyashaqisa lolu daba, ukuthi kunomfundi ongavele ashaye uthisha ngempama. Noma ngabe umfundi unenkinga yokugula, lokho akumgunyazi ukuthi ashaye uthisha. Nokuphepha kukathisha kubaluleke ngokufanayo nelungelo lomfundi.
Isikole kasinalo ilungelo lokujezisa noma sixoshe umfundi lingalalelwanga icala lakhe. Yilokho engingakusho okwamanje. Sizolulandela lolu daba, sithole kahle ukuthi kwenzekeni,“ kubeka uMlotshwa.