WAYEDAKWE utshwala futhi endongondongo ebheme isidakamizwa icocaine osolwa ngokubulala umlamu wakhe ongunjiniyela kangangoba akasibonanga isidingo sokuthi abike ngokushona kukamufi.
Kunalokho le ndoda namanye bathatha isinqumo sokuthungatha umuntu owayezothenga iveni i-Isuzu kamufi.
Lokhu kushiwo ummangalelwa, uMnuz Nkosinathi Zungu, eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesine.
UZungu usolwa ngokuklinya ngentambo ye-ayina abulale umlamu wakhe, uMnuz Nkosi Langa, oZwathini, eNdwedwe ngoSepthemba 2020.
Uboshwe nodadewabo uNksz Nompumelelo Goncalves oyingoduso kamufi futhi owayengunesi.
Lo wesilisa uyazihlangula ekutheni benodadewabo babamba iqhaza ekufeni kukaLanga owathunjwa kwakhe ePinetown.
“Ngatshelwa abantu engabashiya nomufi eNdwedwe ukuthi waphulukundlela, wazama ukubaleka base beyamnquma (mbulala). Ngalobo busuku ngangiphuze kakhulu utshwala futhi ngibheme i-cocaine angizange ngiye nokuyobona lapho abulawelwa khona,” kuchaza uZungu.
UZungu uthe kwase kuneminyaka engu-10 bazana nomufi ayesemthathisa okukamfowabo futhi ukubulawa kwakhe kwamshiya nosizi.
Lokhu kuyashayisana nobufakazi bukaJames “Ramaphosa” Mashudu owavuma icala wase egwetshwa iminyaka engu-20.
URamaphosa wafakaza enkantolo wathi nguye, uZungu nowesilisa owaziwa ngokuthi uManzini abathumba uLanga kwakhe ePinetown bethengwe uNksz Goncalves.
Le ndoda yathi bamthatha ngendlakadla uLanga bamfaka evenini lakhe baya naye eNdwedwe yona noZungu bamklinya khona ngentambo ye-ayina umufi washona.
Icala lihlehlele uSepthemba 18 nonyaka.