UKHALA ezimathonsi uWinnie Sibiya, ongumholi weqembu Amatshitshi Amhlophe, othi umlingisi nosomahlaya uMjosty Mbhele ugweve nemali yakhe uR 10 000 angamkhokhelanga yona ngesikhathi enandisa emcimbini iGoduka Music Festival ngo-2022.
UWinnie uthe waqashwa nguMjosty njengoba kwakunguye umsunguli walo mcimbi ngoDisemba nyakenye ngo R10 000 nalapho uMjosty athembisa ukumkhokhela yonke imali ngoJanuwari. Uthe wasebenzisa imoto yenkampani esuka eGoli nathe lokho kwadla inkampani imali engango R2 000.
“Ngaqashwa uMjosty kulo mcimbi ngoDisemba njengoba kwakukhona amaciko amaningi, kuthe uma sekumele asikhokhele ngawo uDisemba wathi sizoyithola ngoJanuwari nokuyinto engayibekezelela ngoba vele uJanuwari wawususeduze. Kuthe uma kufika uJanuwari wahlehlisa wathi sesizoyithola ngoMashi nokuyilapho engaqala khona ukushaya amakhala, kuze kube yimanje asikaze sakhokhelwa.
“Ngazama ukumthinta uMjosty ngale nto izikhathi eziningi njengoba eseziba izingcingo zami nezenkampani engiqashile nje. Ngizwe kuthiwa kukhona nabathembise ukubakhokhela ngoJuni kodwa kuze kube manje lutho, ngiyayidinga njengoba ngiziphilisa ngomculo,” kuchaza uWinnie.
UMjosty ethintwa yiSolezwe Ngempelasonto uziphendulele walivuma icala, wathi empeleni onke amaciko ayeqashwe kulo mcimbi awakaze ekhokhelwe. UMjosty uthembise ukukhokhela amaciko emcimbini weGoduka wakulo nyaka.
“Iqiniso ukuthi wonke umculi owaqashelwa iGoduka yanyakenye ubengakakhokhelwa ngenxa yokuthi ngangithembele eMnyangweni weZemidlalo, ubuCiko namaSiko kanti kuzoshintshwa ubuholi. Ubuholi obusha buthe abukwazi ukukhokhela izikweletu zobuholi obudala okunalokho amaciko ayeqashwe ngonyaka odlule azobuyiswa onke kufakwe imali ethe xaxa uma esekhokhelwa kulo nyaka.
“OkukaWinnie ngiyakwazi angikuphiki ngoba wangichazela isimo angaphansi kwaso, ngase ngimtshela ukuthi ngizomkhokhela emalini engizobe ngiqashwe kuyona ngoba ngiyawathola ama-bookings,” kusho uMjosty.