IBHEKENE notalatiya lwenkinga yokungasebenzi kwama-air conditioner iNkantolo yeMantshi yasePinetown osekuphoqe ukuthi kuhlehliselwe unyaka ozayo ukulalelwa kwamanye amacala obekumele aqulwe manje.
Lokhu kwenze abantu abebeze enkantolo bezolalela amacala baphuma bedemelayisa.
Nabasebenzi bakhona enkantolo bakhale ngesifudumezi kwazise umoya awungeni, kucinene.
Bathi okwenza isimo sibe muncu kakhulu wukuthi uma bengaphakathi enkantolo, kuphoqelekile ukuthi bagqoke izimpahla ezimboza izingalo zabo
Bathi lena enye yezindlela okulindeleke ukuthi bagqoke ngayo emsebenzini bengabasebenzi basenkantolo.
Le nkinga iqale ngoMsombuluko emini kwaze kwahlehliswa icala elaliqulwa.
Izolo kube esifanayo lihlehliselwa uMashi 2025 icala lokubulala elithweswe uMnuz Siyabonga Innocent Shezi (30).
Usolwa ngokushaya aklinye ngentambo yesikhindi indodana yakhe eyayineminyaka eyisishiyagalombili eNtshongweni, eThekwini ngoJanuwari nyakenye.
UNksz Nonhlanhla Sibisi ongunina kamufi uSifundo, uvele wakhombisa ukudangala futhi waphoxeka nabehamba nabo bezomeseka ezwa iMantshi, uMuntu Khumalo, ithi ama air conditioner awasebenzi.
Isolezwe lihoshe ngomthombo walo ukuthi uMnyango wezobuLungiswa ubikeliwe ngenkinga ebhekene nale nkantolo njengamanje kodwa wakhala ngokuthi awunayo imali yokulungisa.
Akuyona inkinga yama-air conditioner angasebenzi kuphela kule nkantolo kepha neminyango yakhona inomsindo olimaza izindlebe uma uyivula noma uyivala.
Namalambu kagesi akhanyisa emaphaseji akhona awasebenzi kahle.
Uthunyelelwe imibuzo uMnuz Stephans Mahlangu okhulumela uMnyango wezobuLungiswa ukuba aphawule ngezinkinga ezikule nkantolo izolo.
UMahlangu uvumile ukuthi uyitholile imibuzo wathembisa ukuthi kuzophendulwa ngokushesha.