UDINWE ugane unwabu owesilisa waKwaNdengezi, othi ubhaxabulwe ngamaphoyisa esiteshini sakuleli lokishi, ethi uyovula icala.
UMnuz Xolani Khanyile (27), kuthiwa ufike esiteshini ngentathakusa ngoMgqibelo, ethi uphuthuma ukuvula elinye icala lokushaywa.
Ekhuluma nephephandaba, uthe uqale emtholampilo wendawo ngaphambi kokuba aye esiteshini samaphoyisa. Uthe ubephethe amaphilisi ezinhlungu nencwadi ebigunyaza ukuthi alashwe esibhedlela ngesikhathi efika esiteshini.
Isicabha sasesiteshini samaphoyisa besivaliwe ngokusho kwakhe ngesikhathi eqeda ukungena esangweni.
“Ngithe uma ngifika emnyango ngangqongqoza kwaqale kwangavulwa. Ngiqhubekile ngangqongqoza ngoba ngingafuni ukubuyela emuva ngingasizakalanga. Ngisamile, kube nephoyisa lesifazane elivele ngewindi. Belibonakala ukuthi libanjwe wubuthongo labuza ukuthi ngifunani? Ngalichazela ukuthi ngizovula icala kodwa lavala, alangabe lisabuyela kimi,” kuchaza umgilwa.
Eqhuba, uthe kumangazile okwenziwe yiphoyisa elikhombise ukungabi nazwelo enkingeni ebimkhungethe. Uthe ngaleso sikhathi izinhlungu bezisho ukumqeda ngoba ubelimele.
“Ngiyinyathele emsileni ngokuthi ngimemeze ngibuza amaphoyisa ukuthi kungani evala esiteshini okumele ngabe sivulwa amahora angu-24. Nami bese ngibuziswa ukudinwa ngoba ngibona amaphoyisa engangisizi,” kusho uKhanyile.
Uqhube wathi amazwi akhe amdonsele amanzi ngomsele ngoba kuthe uma eseyophuma ngesango, amdonsa amaphoyisa aqhamuke ngemuva kwakhe, ambuyisela esiteshini ngaphakathi.
Ngokusho kwakhe amaphoyisa amane amthathe ayomfaka kwelinye lamagumbi ngaphakathi amdinda ngenduku. Embuza ukuthi kungani edelela.
UKhanyile uthe, amaphoyisa amshaye ngezinduku emhlane waze wadumba.
“Ngisizwe ukuthi ngikwazi ukuphunyuka ngibaleke. Angazi noma ngabe ngisaphila yini ukube angikwazanga ukuphunyuka ngoba abengishaya engangidlalisi amaphoyisa,” kubeka insizwa.
UKhanyile uthi uke wezwa ngabantu emphakathini phambilini bekhala ngokungavulwa kwesiteshi ebusuku.
“Kuzoba nzima kakhulu ukuthi amalungu omphakathi asizakale esiteshini uma amaphoyisa eqhuba ngale ndlela,” kukhala umgilwa.
Ebuzwa ngecala abeyolivula ngesikhathi eshaywa amaphoyisa, uthe agcine emvulele lona ngoba ubelokhu ebuyela esiteshini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokushaywa kowesilisa KwaNdengezi.
“Amaphoyisa asesiteshini saKwaNdengezi aphenya icala lokushaywa komlisa oneminyaka engu-27,” kusho uCol Netshuinda.
Imizamo yokuthola impendulo kokhulumela i-Ipid uNksz Lizzy Suping ayiphumelelanga njengoba ugcine ethembise intatheli ukuthi uzoyiphendula emilayezweni abethunyelelwe yona. Izingcingo zakhe ubengasaziphenduli ngesikhathi ethintwa kuzo.
Ethintwa uMnuz Dumisani Nsundwane oyikhansela, uthe uzwile ngezikhalo ngesiteshi samaphoyisa kodwa kusengamahebezi, kungcono naye azenzele olwakhe uphenyo.
“Angazi noma kuyavalwa yini ngoba kusuke kusebusuku kodwa ngizozama ukuthola ulwazi mayelana nokwenzeka kulesi siteshi,” kusho uMnuz Nsundwane ngamafuthi.