ISIKHALO esafakwa owesifazane ekhala ngokuhlukumezeka lapho asebenzela khona esitolo sokudlela iBabel, eMenlyn siphoqe izikhulu zomnyango wezaBasebenzi ukuba ziqale umkhankaso wokukhuculula kule mboni.
NgoLwesithathu ithimba labahloli bezindawo zokudlela ebelihambisana nethimba lomnyango wezasekhaya, ligasele eSandton lihlola izindawo eziyisithupha zokudlela. Kuboshwe abasebenzi abahlanu okukhona kubo nomphathi wendawo yokudlela iTang, eSandton, kwavalwa nezinye ezintathu ngokungalandeli imigomo yokusebenza nezokupheppha kulezi zindawo.
Ababoshiwe babekwe amacala okuba kuleli nokusebenza ngokungemthetho ngemuva kokuthi behluleke ukuveza amaphepha agunyaza ukuba kuleli.
[BREAKING NEWS] Five employees, including a manager, were arrested for working without permits at Tang restaurant in Sandton, Joburg, during a Department of Employment and Labour blitz.
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) September 18, 2024
Tune into Newzroom AfriKA DStv channel 405 for more. pic.twitter.com/0ccjZl9B2I
Lo mkhankaso uqale ngemuva kwesikhalo sentokazi eyaziwa ngoMihlali Nobavu enikele ezinkundleni zokuxhumana ikhala ngokuthi eBabel abasebenzi bayaphoqwa ukuba bazithengele bona umfaniswano womsebenzi, futhi imali yokubonga abayithola kumakhasimende ifika kubo isinconzuliwe.
Umnyango wezaBasebenzi uthe imboni yezokuvakasha ingenye yemikhakha egqame kakhulu futhi izohlezi ihlolwa njalo ukuze kuqinisekiswe ukulandelwa kwemithetho eyengamele abasebenzi.
Ngempelasonto uNgqongqoshe walo mnyango uNomakhosazana Meth udalule ukuthi bathole ukuthi miningi imithetho engalandelwa e-Ocean Basket naseBabel, futhi lezi zindawo zikweleta abasebenzi imali engaphezu kuka-R1m abaholelwa imali encane kakhulu ngokwemigomo ebekiwe.
Ungqongqoshe uthe ithimba labo elinikele kule ndawo eseMenlyn Mall lifike lahlola nezinye izindawo lathola ukuthi i-Ocean Basket neBabel ababakhokheli abasebenzi iholo eliwumgomo kaR27.58 ngehora. IBabel ikweleta aasebenzi abahlanza le ndawo imali enguR271,984.32 abasizi bamakhasimende bona bakweletwa uR295,547.28.