IBANDLA labasindisiwe elihlanganisa iminyaka engu-29 lasungulwa, libonga uNkulunkulu ngokuphumelela komgomo walo oseqhulwini wokunakekelwa kwabaswele.
ICovenant Fellowship Church International (CFCI) eholwa nguMphostoli Collins Dhlomo, inikele ngegilosa emindenini ewu-150 eMakhabeleni, eKranskop.
UMphostoli Dlomo obalwa nabanye babaholi abahlonishwa kakhulu KwaZulu-Natal nasezweni lonke, uthe kuyinjabulo emangalisayo ukubona iphupho labo lokusiza imiphakathi entulayo lifezeka.
UDhlomo uthe kuwumgomo walo leli bandla ukubeka eqhulwini ukunakekelwa kwabantuu abantulayo.
Lokhu uthi bakwenza ngoba bakholwa ukuthi ukukholwa okungenazo izenzo kufile.
"Sikholwa ukuthi ukuze siphelelise kahle ukukholwa kwethu kumele kube khona esikwenzela umphakathi wethu. Yingakho nje sizibophezela ngokuthi sisebenze ngokuzikhandla siqinisekise ukulekelelwa kwabaswele,'' usho kanje.
UDhlomo uveze ukuthi eJozini naseMpangeni kunemindeni engu-500 enakekelwa yileli bandla zinyanga zonke.
Uthe kuzona zombili lezi zindawo kunemali ethile ephumayo yokuthi bathengelwe izidingo zabo.
Ucaphune encwadini etholakala kuLuka 4 vs 18 ethi: "UMoya weNkosi uphezu kwami ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ngithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo.’’
Ugcizelele ukuthi kumqoka kakhulu ukuba ibandla likaNkulunkulu libonakale lifaka isandla ekwenzeni ngcono impilo yabantu.
Selokhu lasungulwa leli bandla selaziwa kakhulu ngokuklama indima enkulu ekubhekelelweni kwezidingo zamalungu omphakathi.
Minyaka yonke lifundisa izingane ezikoleni ikakhulukazi ezikhungweni zemfundo ephekeme.
Linohlelo lokunikezela ngomfaniswano wesikole kubantwana abavela emindenini ehlwempu.