UYAQUBEKA owayengumengameli, uJacob Zuma, nempi yakhe yezomthetho ayiqondise kuMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, yize ehlangabezane nembibizane kwezomthetho.
NgoLwesithathu uZuma ukhale ngaphansi ngecala afuna ukuzishushisela yena uRamaphosa ngoba inhlangano yezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA), ithe isitifiketi eyamnikeza sona ukuba azishushisele abathize, asimfaki uRamaphosa.
UZuma ufuna ukuzishushisela mathupha uRamaphosa kanti wenza okufanayo nakuMshushisi omkhulu ecaleni lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer, nasentathelini yephephandaba lesilungu.
UZuma usola uDowner ngokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe. Wabavulela icala esiteshini samaphoyisa eMgungundlovu, wanikezwa isitifiketi sokuba azishushisele bona ngemva kokuthi iNPA inqabile ukubashushisa.
Icala labo lilalelwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
UZuma uphinde wasebenzisa leso sitifiketi ukuthumela amasamanisi abizela uRamaphosa eNkantolo eNkulu ePitoli. UZuma usola uRamaphosa ngokuba yingxenye yokwephulwa komthetho ngoba uthi akazange athathe izinyathelo ngesikhathi embikela ukuthi uDowner wephule umthetho.
Amasamanisi athunyelwe kuRamaphosa ngesonto eledlule kanti ambizela enkantolo ngoJanuwari 19. Kepha ngoLwesithathu, iNPA yazise uZuma ukuthi isitifiketi singasisetshenziselwa ukuzishushisa abantu ababhaliwe kusona.
Okhulumela iNPA, u-Advocate Mthunzi Mhaga, uthe akukho lapho kubalulwa igama likaRamaphosa ezincwadini zasenkantolo ezifungelwe.
“Yingakho isitifiketi singazange siliphathe igama lakhe. Incazelo sizoyethula enkantolo uma kuwukuthi icala ligcina lingenile khona,” kuchaza uMhaga.
Kepha uZuma uyichithile incazelo yeNPA.
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe likhona igama likaRamaphosa ezincwadini ezifungelwe.
“Endimeni yesi-17 yamaphepha kuyashiwo ukuthi kunolunye uhlelo oluseceleni lapho uZuma ebhalele uRamaphosa, ekhalaza ngale nto. Kuyashiwo futhi ukuthi incwadi ebhalelwe uRamaphosa nempendulo yakhe iyingxenye yamaphepha asenkantolo,” kuchaza uManyi.
UManyi uqhube wathi isitifiketi esanikezwa uZuma sikubeka kucace ukuthi angakwazi ukuzishushisela mathupha noma ngubani othintekayo ecaleni.
“I-NPA kuzofanele izehlise, ilinde izinkantolo ukuthi kube yizona ezihumusha ukuthi yayichaza ukuthini uma ithi noma ngabe ngubani othintekayo ecaleni angashushiswa kusetshenziswa isitifiketi eyasikhiphayo.”
UManyi uthe balindele ukuthi uRamaphosa avele enkantolo ngosuku lwecala.
Abameli bakaRamaphosa bebekade benikeze uZuma umnqamulajuqu obuye welulelwa osukwini lwayizolo, wokuthi ahoxise amasamanisi. Akawahoxisanga uZuma amasamanisi. Akucaci ukuthi yisiphi isinyathelo esizothathwa ngabameli bakaRamaphosa.