UYAVEVA umgcotshwa webandla lamaNazaretha eBuhleni othi uyabulwe ngomjiva, kwagqashuka nomqhele ekhishwa ngesidlozana ethempelini, esolwa ngokuzibeka kwesobufundisi ngesikhathi kuvalwa umhlangano kaJulayi.
Umgcotshwa uMnuz Mandlakayise Mthethwa ozinze ethempelini eMaqhaweni, e-Uganda, eMlaza, uthe usesaba ngisho ukuya enkonzweni ngokwenziwe kuyena ngabefundisi eBuhleni.
Uthe kulesi sigameko kulahleke ngisho nemali yakhe engu-R10 000 abezoyothenga ngayo izimbuzi, waze wavula icala emaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi kunecala elivulwe wuMthethwa eNanda.
“Kulesi sigameko ummangali uthe walahlekelwa yisigqoko sakhe, wumjiva wesonto nemali. Amaphoyisa ayaphenya,” kusho uNetshiunda.
Echaza uMthethwa uthe: “Mina ngingumfundisi owaphakanyiselwa kulesi sikhundla wuBaba uNyazilwezulu. BengiwuMshumayeli futhi amagalelo ami ayaziwa njengoba kukhona amathempeli amathathu eMlaza asungulwe ngenxa yami. Uma sekufika isikhathi sokuthi ngiphakanyiselwe kwesobufundisi, kukhona abangathandanga.
“Bekungekhona okokuqala bengiphatha kanje abagcotshwa. Lesi sigameko senzekile siseTafelkop ngoMashi kulo nyaka. Bafike bangigxavuna kanje futhi baze bangiphuca kwawona umjiva wami. Namanje bangigxavule kabuhlungu bangiphuca umjiva wami kwaze kwagqashuka nomqhele. Kulokhu angikwazanga ngisho ukuthatha izimpahla ebengiziphethe, zisale khona ethempelini eBuhleni ngikhishwa kabuhlungu. Kulahleke nemali engu-R10 000 ebengiyikhiphele ukuthi ngizoyothenga ngayo izimbuzi,” kusho uMthethwa.
Uthe ngesikhathi ephucwa umjiva okokuqala eTafelkop, akazange afune ukuphumela obala ngalolu daba ngoba wayezitshela ukuthi luzogcina lulungisekile. Uthe manje uyabona ukuthi akusizi ukuthi athule ngoba uyabona ukuthi bazoze bamlimaze laba bagcotshwa.
Ngesikhathi ekhishwa ngesidlozana eBuhleni, uthe uzamile ukubatshela abagcotshwa abebemkhipha ukuthi abaye kumholi uNyazilwezulu ngoba uyazi ngaye ukuthi usengumfundisi kodwa banqaba, bengafuni ukumlalela.
“Angazi noma babefuna ngibagwazele yini laba bagcotshwa ukuze bangibeke esikhundleni sokuba ngumfundisi. Bengingeke ngikwenze lokho ngoba igama lami laphakanyiswa wuBaba uNyazilwezulu. Into abangenze yona isangithusile futhi bangihlazile, bengikhipha kabuhlungu kanje phambi kukankosikazi wami nezingane,” kusho uMthethwa.
Okhulumela umholi wamaNazaretha, inkosi Mduduzi Shembe uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe uyalwazi udaba lukaMthethwa.
“Kuyiqiniso ukuthi unguMshumayeli uMthethwa kodwa okokugcotshwa kwabefundisi, ibandla alingeni kukhona. Isikhathi esiningi bagcotshwa wubaba uNyazilwezulu uma kuqala unyaka sisentabeni engcwele. Thina njengamalungu ebandla sibona ngaye umgcotshwa sesibuyile entabeni esevathe isevatho sabefundisi. Okunye asingeni kukhona ngoba kuningi okwenzekayo uma begcotshwa esingeke sakudalula ngoba kuyizimfihlo zebandla. Ukugcina kwami ukukhuluma noMthethwa kungesikhathi ephucwe umjiva siseTafelkop. Kulapho ngaphakamisa khona ukuthi udaba lwakhe lulungiswe ngokukholwa,” kusho uMncwabe.