KUBOSHWE nowesilisa obese kuphele iminyaka ewu-23 efunwa uthuli ngamacala ehlukene ngesikhathi amaphoyisa egasela endaweni ethathwa njengesizinda samaphara esingaphansi kwebhuloho emgwaqweni u-M4, eThekwini, ngoMsombuluko ekuseni.
Kube nesiphithiphithi kule ndawo ngesikhathi kutheleka amaphoyisa ezinhlaka ezehlukene okukhona kuwo awoMasipala waseThekwini, iHhovisi likaNdunankulu, aboMnyango wezokuHlunyuleliswa kweziMilo, uMnyango wezokuPhepha koMphakathi, abafice abahlala khona belele kwazise bese benezakhiwo abazigxumekile.
Lo wesilisa obebukeka ehlanzekile, amaphoyisa ambhadame ekuyona le ndawo. Ngesikhathi embopha ubelokhu ememeza ethi, yena akasilona iphara.
Kuthe uma embuza igama lakhe waqala wangafuna ukulisho, wagcina esesho amagama amabili angefani. Amaphoyisa abephethe nomshini wokubheka amanyela eminwe nokuyilapho okuvele khona ukuthi usohlwini lwabafunwa ngamaphoyisa ngamacala. Ube esekhalelwa amasongo kaSigonyela, wafakwa evenini.
Kuthiwa ubefunwa kusuka ngo-2001. Phakathi kwamanye amacala abefunelwa wona, kuvele ukuthi kukhona nawokubulala.
Bangu-15 abangaphandle ababoshiwe abebengenazo izincwadi zokuba kuleli. Bangu-100 abahlala emgwaqweni abashaqiwe. Bekukhona nabesifazane kubona.
Iphunga kule ndawo beligqabula ikhanda njengoba bekuxathuka.
Phansi bekukhona imijovo abebeyisebenzisela ukuzijova ngezidakamizwa, izingubo zokugqoka zangaphansi, izitofu zokupheka, yizinqamu zikagwayi nokunye okuningi. Bekukhona namanzi ezigujini nasemiphongolweni. Iningi lalaba lificwe lingazi nanyaka njengoba belisabanjwe ubuthongo.
Abanye bebengakwazi nokunyakaza, kuze kwadingeka ukuba basizwe ngozakwabo. Omunye wabo ubonakale egula wagcina eseziwela phansi, waphuthunywa abasebenzi besempilo ebebekhona.
Bekukhona nabavela eMnyangweni wezeMpilo ababonakale bematasa kakhulu, behlinzeka ngosizo lwezempilo kwabahlala emgwaqweni, bebebajova, bebanikeza nosizo olwahlukene.
Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso, abebedlula besezimotweni bebememeza ngenjabulo bezwakalisa ukuweseka.
Omunye obesemotweni uzwakale ethi: “Siyabonga Ntuli, sesizokwazi nokudlula kule ndawo ngokukhululeka.''
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe ukususwa kwamaphara bakwenza ngaphansi kohlelo alwethule eMandeni ezinyangeni ezimbili ezedlule, i-Operation Khuculula.
Uthe njengoba kukhona nalo oboshiwe kuwubufakazi bokuthi ayikho indawo yobugebengu kulesi sifundazwe.
“Nalabo abasacabanga ukuthi bazokwenza ubugebengu kulesi sifundazwe kumele bazi ukuthi lokho angeke kusenzeka. Kumele babheke enye indawo lapho abangenza khona ubugebengu, hhayi lapha,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi njengoba bebasusa kule ndawo bahlela ukuthi babayise esikhungweni lapho abazohlaliswa khona.
Uthe bakhona abazothola ukusizakala kodwa wathi uma bevuma.
Inhlosongqangi yalolu hlelo uthe ukuqinisekisa ukuthi iTheku liyakhucululwa lenziwe libe yindawo ehlanzekile.
''Kumqoka kakhulu ukuthi senze konke okusemandleni ethu ukuze senze leli dolobha libe sesimweni esifanelekile. Lokhu esikwenza lapha namhlanje kuyisiqalo nje esihlose ngaso ukuqinisekisa ukuthi lokhu esikufisayo ngedolobha lethu kuyenzeka,'' kubeka uNtuli.
UNtuli uthe lolu hlelo alupheleli nje eThekwini, kodwa luzosatshalaliswa kusona sonke isifundazwe.
Uthe bakhulumile nomasipala abehlukene ukuthi nabo kumele bafuqe umbhidlango ofanayo.
“Uma lo mkhankaso siwuqhuba ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe nakanjani sizonqoba. Njengoba namaholidi kaDisemba eseseMome nje, kumqoka ukuthi senze konke okufanelekile ngenhloso yokuheha izivakashi,'' echaza.
Kwenzeka lolu hlelo nje, kuzokhumbuleka ukuthi nango-2010, bake basuswa abahlala emigwaqweni kodwa bagcina bezibuyela.