UKHONONDA ngokugxambukela kosopolitiki abebala ukhasha bengafuni ukuthi ukudla kwabafundi kungafinyeleli ezikoleni zaKwaZulu-Natal, othole ithenda yokuphakela izikole KwaZulu-Natal.
UMnuz Manzini Zungu, othole umsebenzi wokusabalalisa ukudla ezikoleni zesifundazwe njengoba kushintshe uhlelo obelusebenza lokuthi osonkontileka bazithengele ukudla bese bekuyisa ezikoleni, uthe cishe zimbalwa izikole ezingakakutholi ukudla njengoba uqhubeka umshikashika wokukuthumela.
UZungu ubhoboka nje, sekudilike ithimba elivela emnyangweni wemfundo eyisiSekelo, ukuzophenya ngenkinga yokungafiki ngesikhathi kokudla ezikoleni.
“Ubumkhulu umsebenzi, akekho umuntu ongenakho ukudla kwakhe. Abanye bebengafiki ukuzolanda ngesikhathi ukudla. Ngihlangane nabaphathi bomnyango njengoba kukhona osopolitiki abebevimba yonke into bengafuni ukuthi kwamukelwe ukudla. Abanye osonkontileka bebengafiki ukuzokulanda ukudla lapho sikushiya khona,” kugonyuluka uZungu.
Uthe esifundeni iZululand, bekunezingqinamba ezinkulu.
“Amaloli abehambisa ukudla abevinjwa ikakhulu emakhaya, osomabhizinisi abawatholanga amathuba okuhambisa ukudla. Yibona ababe yinkinga kwaze kwaba nokubambezeleka ekutheni izingane zidle,” kuchaza uZungu.
Uqhube wathi kayikho into abebengayenza uma kuvinjwe amaloli enganyakazi, ngabantu abakhala ngokuthi baphucwe umsebenzi.
“Impelasonto ende iyona esilimaze kakhulu uma kuziwa ekukuhambiseni. Ngiyavuma asiqalanga kahle kodwa manje isimo singcono kakhulu kusuka ngoMsombuluko.”
Uvumile futhi waxolisa ngokuphazamiseka ekuthutheni ukudla kwezikole.
“Siyalivuma iphutha lethu, asiqalanga kahle. Sihambise ukudla okungabolile, umsebenzi omkhulu odinga ukubekezela,”kuqhuba uZungu.
Uthe kuqokwe osonkontileka abangu-1 765 abathutha ukudla ezikoleni wathi umsebenzi uqhubeka kahle.
“Ukudla okukhulu okungama-rayisi, ubhontshisi, impuphu, nokunye sikuhambisa kanye ngenyanga. Amasi, izitshalo nezithelo sikuhambisa kanye ngesonto,” kuchaza uZungu.
Lolu hlelo lusiza abafundi ababalelwa ku-2 million esifundazweni kanti luhlinzekelwa cishe ngoR2 billion. Imali yalo ayikwazi ukwenza ezinye izinhlelo noma ukukhokhela ezinye izinto ngaphandle kokudla ezikoleni.
Okhulumela umnyango kuzwelonke uMnuz Elijah Mhlanga, uthe umqondisi jikelele womnyango uMnuz Mathanzima Mweli, nethimba lakhe bakulesi sifundazwe ukuzothola umnyombo wale nkinga.
“Umqondisi uzobe esenika uNgqongqoshe womnyango uNkk Angie Motshekga, umbiko ogcwele.”
Isitatimende esikhishwe ngumnyango wesifundazwe, siveze ukuthi uNgqongqoshe uNkk Mbali Frazer, uyalele inhloko yomnyango uMnuz Nathi Ngcobo, ukuthi kuphenywe ngomnyombo wale nkinga.
Sithe okunye okuvelile ngukuthi kube nokubambezeleka ekuhanjisweni kokudla kodwa u-90% wezikole ezingu-5 444 zikutholile ukudla.
“Kwezinye kusashoda njengasesifundeni uGu okuyizinkinga ezilungiswayo,” kusho isitatimende.
Amaqembu ezepolitiki nezinyunyana zothisha bazwakalise ukucasuka ngokungafiki kokudla ezikoleni.
Unobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Bheki Mtolo, uthe bathole izikhalazo ngokungafiki kokudla kwezinye izikole.
Uxolisile kubafundi nakubazali ngokungafiki kokudla wathi sebekhulumile noNkk Frazer ngezinkinga.
“Siyalele uNdunankulu ukuthi afune umbiko kuNkk Frazer, aphinde achazele amaqembu ahlukene ngezinto ezizokwenzeka. Silinde ukuthi uNkk Frazer amemezele ezinye zeziphakamiso uma esethula isabelomali ngoLwesine.”