SITHEMBISO MKHIZE
UMENGAMELI waMaZulu, uSandile Zungu, uthi akazi ukuthi angabuchaza athini ubuhlungu abuzwile ngesikhathi ethola izindaba zokudlula emhlabeni kukaDavid Dlamini, owayengusihlalo waleli qembu ngesikhathi linqoba iCoca Cola Cup ngo-1992.
Indodakazi kaDlamini, uSithembile Dlamini, yazise Isolezwe ukuthi uyise udlule emhlabeni ngoMgqibelo ngezikhathi zasemini.
Indodakazi iveze ukuthi bese kuphele iminyaka exinwe kabi isifo sikashukela. Ithe uyise ushonele ekhaya eNkonjaneni, eMahlabathini, eneminyaka engu-86. Ubenezingane eziwu-10 azithola kuMaNzuza nakuMaNgema, obekungamakhosikazi akhe.
UDlamini ushiye emhlabeni isizukulwane esingaphezu kuka-50. USithembile uchaze uyise njengomuntu obebakhathalele abantu. Wake waba yikhansela le-Inkatha Freedom Party (IFP) eMthonjaneni, eMelmoth. Uthe bazishaya isifuba ngokuthi ngaphansi kukayise, uSuthu lwaba nempumelelo eyisimanga.
"Ubaba sizomkhumbula ngokuba nothando nokunakekela ngakho konke umndeni wakhe. Sizophinde simkhumbule ngokuthanda ezemidlalo ikakhulukazi ibhola. Ubungeke umthinte ngoSuthu. Udlule emhlabeni ejabule ngenxa yokwenza kahle koSuthu ngesizini edlule. Sithi hamba kahle baba, uyibekile induku ebandla. Kasingabazi ukuthi uzoba yidlozi elihle kithi, " kubeka uSithembile.
UDlamini wathatha izintambo zokwengamela uSuthu ngo-1985 okuwunyaka okwasungulwa ngawo iNational Soccer League (NSL). Ngo-1987 ngesikhathi luqeqeshwa ngumakadebona uClive “The Dog" Barker, lwafinyelela kowamanqamu eMainstay Cup nakwi-Iwisa Charity Cup. Kuyona yomibili imidlalo lwadliwa yiKaizer Chiefs.
Ngo-1990 lwafinyelela kowamanqamu eBob Save Super Bowl, lushaywa ngemizuzu yokugcina yiJomo Cosmos.
Ngo-1992 ngaphansi kwakhe u-The Dog, lwaziphindiselela kuMaKhosi lunqoba kowamanqamu eCoca Cola Cup. Ngo-1993 kwala kancane ludle isicoco seligi, lwasonga endaweni yesithathu.
UZungu utshele Isolezwe ukuthi uDlamini ubeyisibonelo kuye ngendlela eyisimanga. Uthe uyazi ukuthi kusamele asebenze kanzima ukuze azuze okwanqotshwa uDlamini.
"Bazokutshela ehhovisi, ubaba uDlamini udlula emhlabeni nje, bengihlela ukumvakashela. Ngiphazamiswe yizo lezi zibhelu, ngabe ngiyile ukuyombona. Ngiwahlonipha ngendlela eyisimanga amagalelo kababa uDlamini. Uyisibonelo kimi, ngizosebenza kanzima ukufika ezingeni lakhe. Ngithi dudu emndenini wakwaDlamini, alele ngokuthula,“ kusho uZungu.