UKHALA ezimathonsi uyise wengane enonyaka, okusolwa ukuthi ibulawe unina isidumbu sayo okuthiwa sitholwe sintanta emfuleni iNjakane, eThembeni KwaDukuza ngoMsumbuluko.
Isidumbu sikaNonkanyiso Tembe (1), kuthiwa sitholwe owesilisa obezidobela emfuleni, kanti kuthiwa ugcine ukubonwa ngeSonto ebelethwe wunina okuthiwa ufonele uyise wengane asebahlukana naye, uMnuz Ernest Tembe, wamazisa ngokuthi ingane uyishiye ehlathini.
Kuthiwa bobabili abazali bakaNonkanyiso bangabokudabuka eMaputo, eMozambique. Elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uTembe (uyise wengane) uthe bahlukane ngonyaka odlule nomsolwa ababehlala naye ndawonye eThembeni KwaDukuza, kanti owesifazane wabuye wahamba wayohlala eMpangeni nengane yabo.
“Ngesonto eledlule ungishayele ucingo wathi uzoletha ingane ngoMgqibelo. Ngimtshelile ukuthi ngizobe ngingekho ngiphume nomsebenzi njengoba bengisebenzela eHarding. NgeSonto ntambama ungishayele ucingo wathi usetekisini elibheke eManguza, ingane uyibulele wayishiya ehlathini. Ngesikhathi ngifika endlini ngicele ukuthi angiyalele lapho eshiye khona ingane ngoba bengingazitsheli ukuthi ukwenzile ngempela lokho , uze wathi angimfonele nge-video ukuze angikhombise kahle lapho eshiye khona isidumbu sengane,” usho kanje.
Uthe ubheke wakhathala engayitholi, kodwa waqala ukubheka ngamanye amehlo uma esethola ucingo oluvela ngakubo eMozambique lapho umsolwa okuthiwa usebalekele khona, ngesikhathi bembuza ukuthi kuyiqiniso yini abakutshelwa umsolwa ukuthi usebulele ingane. Uthe ngakusasa ingane itholwe ilaxazwe emfuleni kanti ubelokhu exhumana nomsolwa ku-WhatsApp.
Enkulumweni yabo eqoshiwe yakuWhatsApp Isolezwe eliyizwile, umsolwa ecashunwa lapho ekhuluma khona ngesiZulu, ubezwakala ekhala ebalisa ethi uyazisola ngakwenzile. Uveza ukuthi ingane uyishiye ehlathini akazange ayiphonse emanzini.
UTembe uthe akungeni nokudla selokhu kwenzeke lesi sigameko ngoba akazi ukuthi iyiphi imbangela ebingaholela ekubulaweni ngesihluku kwengane yabo.
Uthe bekuwuzinyobulala wakhe, wathi yena nomsolwa bahlangane kuleli bathandana kodwa into yabo yayaziwa nangakubo eMozambique, kodwa babuye bahlukana. Lishone elayizolo besazoyovula icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaDukuza obekuzokwenziwa emva kokuhlolwa kwesidumbu kutholwe imbangela yokushona kwengane
Ikhansela lendawo, uMnuz Sicelo Sithole, lithe umphakathi uthukile ngalesi sigameko.
“Okubi ukuthi sizosusa ukucwaswa kwabokufika kuleli okuyinto ekhuzwayo njengoba sebekhona lesi senzo abasibheka ngokuthi senziwe abokufika abazongcolisa indawo yabo. Unina wengane ngokwami akakhombisi ukuzisola, uma ngihlulela nje ngokwezinkulumo zakhe engithunyelelwe zona uTembe zaku-WhatsApp,” usho kanje.