UKHALA ngokulinda umnyama ongenafu umfundi ka-matric obanjelwe imiphumela nozakwabo ngoba kusolwa ukuthi bakopela.
Lo mfundi, obefunda esikoleni esiseKlaarwater, eMariannhill, ocele ukungadalulwa, ukhala ngokuthi babanjelwe imiphumela bonke abebenza iBusiness Studies esikoleni sabo ngenxa yalezi zinsolo.
Uveze ukuthi uthe ngqu esikoleni eyolanda isitatimende semiphumela ngesonto eledlule, wafike wadumala uma etshelwa ukuthi ngeke bayithole ngoba bayaphenywa.
"Ngithukile ngoba sinabanye ebesenza nabo lesi sifundo sitshelwe ukuthi siyaphenywa. Kuthiwe sisazofonelwa sibuzwe ukuthi sakopela noma cha. Asizange sikopele, angazi kungani sibanjelwe le miphumela. Abebengayenzi iBusiness Studies bayitholile eyabo imiphumela.“
Lo mfundi uthe akazi ukuthi uphenyo luzothatha isikhathi esingakanani njengoba sekuqaliwe ukubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
“Asazi ukuthi silinde into yanini. Kuyavalwa maduzane ukubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme kanjalo nokufaka isicelo soxhaso esikhwameni iNSFAS (National Students’ Financial Aid Scheme). Kuyacaca ukuthi umuntu uzogcina engafundanga uma kungukuthi uphenyo ludonsa isikhathi eside.”
Ukhale ngokuthi ayashabalala amathuba okuqhuba izifundo zakhe.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, unxuse abafundi ababanjelwe imiphumela ngoba besolwa ngokukopela ukuthi bathi ukulinda ngoba kusaphenywa.
Ukusho lokhu emuva kokuba umkhandlu oqinisekisa izingabunjalo lika-matric, Umalusi, wahlonza ukuthi bangu-945 abafundi abaphenywayo ababhale u-matric nyakenye abasolwa ngokukopela.
Isikhulu esiphezulu somkhandlu, uDkt Mafu Rakometsi, saveza ukuthi kubafundi abaphenywayo bangu-763 abaKwaZulu-Natal kuthi abangu-164 abaseMpumalanga.
URakometsi waveza nokuthi laba babhala izimpendulo ezifanayo, ezazishaya eceleni.
UMhlanga uthe ababanjelwe imiphumela mababeke umoya phansi.
“Sinxusa ukuthi babeke umoya phansi ngoba izikole ezithintekayo ziseKZN naseMpumalanga. Sifuna ukuzanelisa ukuthi akukho okwenzeka.”
Uma umfundi kutholakale ukuthi wakopela, imiphumela yakhe ithathwa njengento engekho bese emiswa ukubhala u-matric iminyaka emibili.