SEKUZE kwaphela inyanga owesifazane waKwaMaphumulo ehla enyuka nemali enguR5 000 athi wafumbathiswa yona ngenkani njengemvalamlomo ngemuva kokudlwengulwa ngowesilisa osebenza emahhovisini e-ANC kule ndawo.
Umgilwa uthi wehluleka wancama ukuvula icala emaphoyiseni aKwaMaphumulo. Lesi senzo kuthiwa sithukuthelise umphakathi obunengwa ngukuthi lo wesilisa akabopheki ngenxa yokuthi usondelene kakhulu nabathize abanezikhundla eziphezulu.
Umgilwa kuthiwa wanikwa uR5 000 wadonswa ngendlebe, kwathiwa angayithi vu le ndaba. Kodwa iminjunju yamkhomba emaphoyiseni eyozama ukuvula icala.
Kuthiwa amaphoyisa abemshonisa ngapha nangapha lingavulwa icala kwaze kwaba umphakathi uzithungathela wona ngokwawo umsolwa.
Kuthiwa ngoMsombuluko ekuseni, umphakathi uqoqane waqonda ngqo emahhovisini ale nhlangano angamthola umsolwa. Uphinde wazama ukuya emzini wakhe nakhona wafica kukhala ibhungezi.
Ekhuluma neSolezwe umgilwa uzwakale ekhala ocingweni ethi usefisa nokufa. Uveze nokuthi usawugcinile uR5 000 ababezama ukumvala ngawo umlomo.
"Ibuhlungu le nto eyenziwe kimina ngumuntu ebingicabanga ukuthi ungumholi womphakathi. Okuyikhona okungiphatha kabi kakhulu ukuthi sengizame kaningi ukuvula icala esiteshini samaphoyisa saKwaMaphumulo kodwa kabafuni,'' usho kanjena.
Lo wesifazane uveze ukuthi lo wesilisa umgile ngenyanga eyedlule. Uthe akuvumi nokuthi achaze ukuthi lokhu wakwenza kanjani.
Uthe selokhu kwenzeka le nto impilo yakhe iguqukile ngoba abusehli nobuthongo kuyena, usehlezi ecabanga ngokwamehlela futhi uzibona engento yalutho.
Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe lacela ukuba kugodlwe igama lalo, lithe siyadabukisa isimo lo wesifazane azithola ebhekene naso.
Lithe lo wesifazane ngemuva kwesigameko, kuthe ezihambele endleleni kwaqhamuka amadoda amahlanu abehamba nalo mholi.
Uthi bammisa lo wesifazane bamphoqa ukuba angene ngaphakathi emotweni base bemupha ngenkani uR5 000.
"Ngemuva kwalokho bamthembisa ukuthi nyanga zonke bazolokhu bemkhokhela uR5 000.
“Lokhu bamtshela ukuthi bazokwenza kuze kuphele isikhathi esingangonyaka,'' kuchaza lo wesifazane.
Kwenzeka lokhu nje, elakuleli lifuqa umbhidlango wezinsuku ezingu-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, ucele ukuxhunyaniswa nalo wesifazane athole ukusizwa.
Okhulumela i-ANC KwaZulu Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe akulula ukuthi angaphawula ngomuntu okuthiwa uyilungu lenhlangano kodwa yena angamazi.
Uthe futhi maningi amalungu ale nhlangano akhona KwaZulu-Natal.