BAZOGXILA odabeni lukagesi, umhlaba, ukudla nemisebenzi abeSACP emcimbini wokugubha iminyaka ewu-102 yasungulwa ozoba eMarikana, eNorth West ngeSonto.
Inhlangano yamaKhomanisi yasingatha ingqungquthela yayo yokuqala ngo-Agasti 1921, eCape Town, neyahlala izinsuku ezintathu.
IMarikana yaba ematheni ngesikhathi amaphoyisa eshaya ecoboshisa ngenhlamvu kubasebenzi basemayini ababetelekele amaholo ngo-2012. Babalelwa ku-34 abasebenzi basemayini abathelwa othulini ngenhlamvu betholene phezulu namaphoyisa.
Okhulumela iSACP, uDkt Alex Mohubetswane Mashilo, uthe kuzohlangana izinhlaka ezehlukene okubalwa amadlelandawonye, izinyunyana ezisemayini nezinye izinhlangano. Kulindeleke ukuthi umcimbi uqale ngo-11 ekuseni, ehholo lomphakathi eMarikana.
Uthe ngaphandle komcimbi, bazoqhube uhlelo lwabo lokuthuthukisa izindawo futhi bazimisele ngokulusabalalisa izwe lonke. Kulindeleke ukuthi uNobhala-Jikelele weSACP uMnuz Solly Mapaila, athule inkulumo yosuku lapho ezokhuluma khona kabanzi ngenkinga kagesi, umhlaba, ukudla nokwentuleka kwamathuba emisebenzi.
I-SACP yenza umgubho nje, muva nje bekunyethela i-EFF nayo ebigubha iminyaka ewu-10 yasungulwa. Abaholi be-EFF bavakashele eMarikana, begcizelela ukuthi ngeke bakhohlwe yisigameko esenzeka kule ndawo.