Ukubhema ihubbly bubbly okwenziwa ngabantu abasha kuthathwa njengento engenabo ubungozi uma kuqhathaniswa nogwayi. Kepha, ongoti bezempilo bathi kuyingozi futhi kudala izinkinga eziningi kulabo asebeyibheme isikhathi eside.
Kuleli sonto uMnuz Bakang Rankokwadi (30), waseRusternburg, uzishuthe izithombe wase efaka ezinkundleni zokuxhumana, echaza ngokuthi usinde kanjani ngesikhathi kutholakala ukuthi amaphaphu akhe anegazi namanzi ngenxa yokubhema ihubbly bubbly, ebuye ibizwe ngeHooka pipe.
Ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ethi:"Bengijwayele ukuyibhema uma ngisezindaweni zokuzithokozisa. Odokotela bathe ngibe nenhlanhla ngoba iningi labantu abanenkinga efana neyami abasindi. Bathi kuphazamiseka umgudu wokuphefumula bashone ngokushesha. Mina ngiyisiguli sokuqala abasaziyo esisindile. Ngibe nenhlanhla, ngihlale izinsuku eziyisishiyagalolunye esibhedlela ngingakwazi ukukhuluma nokuyozikhulula. Ngiyacela ukuthi abayibhemayo bayiyeke ngoba kungenzeka bangabi nenhlanhla njenganami," kuxwayisa uBakang.
UDkt Norman Mabote, uthe ihubbly bubbly ilimaza umgudu wokuphefumula nesinye.
"Uma usugula kuba nezinkinga zokuphefumula ezidalwa umoya ongcolile obufaka ngaphakathi emzimbeni ngezikhathi ubhema ihubbly bubbly. Ezinye izifo ezidalwa yicarbon dioxide engena ngesikhathi ubhema ihubbly bubbly, umdlavuza womlomo, umgudu wokuphefumula, amaphaphu, isinye nezinkinga zenhliziyo.“
UMnuz Rankokwadi uthe:" Ngicabanga ukuthi kudalwa ukuthi ihubbly bubbly ngesikhathi uyidonsa kusuke kunamanzi, yiwo lawa agcina esehleli emaphashini.“
Nyakenye inhlangano yezempilo iWorld Health Organisation (WHO), ikhiphe isexwayiso ngokusetshenziswa kukagwayi owaziwa ngama-ecigarette.
Umqondisi weWHO uDkt Tedros Ghebhreyesus, uthe: “Intsha ingena ogibeni lokubhema lo gwayi okuyenza igcine ingasakwazi ukungabhemi ngoba lezi zinhlobo zikagwayi zine nicotine."