NKOSIKHONA CELE
ZIGCWALE udaka izinyawo zikamfundisi webandla laseZayoni, uMusa wokuKhanya, ngemuva kokuba esakaze umkakhe ngempama phambi kwesigungu sebandla.
Ngokuthola kweSolezwe, uMfundisi Zethembe Mcambi uwaklaze umkakhe ngempama, uNkk Nomalungelo Mcambi ngemuva kokuba babe nokungaboni ngasolinye ngodaba lokusetshenziswa kwemali ebandleni.
Umthombo obukhona ngesikhathi sesigameko uveza ukuthi isehlakalo senzeke emagcekeni ebandla kunomhlangano waminyaka yonke, lapho okusuke kudingidwa ukungena nokuphuma kwemali yebandla.
Uthi umfundisi ubephakamisa okuthile mayelana nendlela okumele kusetshenziswe ngakhona imali yebandla esuke inikelelwe ukuthi kulekelelwe ngayo izingane ezingenabo abazali ebandleni.
Kuthiwa umkakhe ubenombono owehlukile kobe kushiwo ngumholi webandla, ongumyeni wakhe.
"Angifuni ukuveza ukuthi ubaba ubefuna imali isetshenziswe kanjani kodwa umama uphakamise okuhlukile kobe kushiwo ngumyeni wakhe,'' usho kanje umthombo.
Elandisa uthi umfundisi ubuze umkakhe ukuthi kungani emhlambalaza emphikisa phambi kwabazalwane ekubeni engumuntu wesifazane yena eyindoda.
"Uqede ukubuza loyo mbuzo wabe esemsakaza ngempama izikhawu ezimbili. Kusize ukuthi abemaningi amadoda abekhona kulo mhlangano ase eyasukuma amkhuza embamba,'' usho kanje.
Uthi ukube akakhuzwanga ngabe kukhulu akwenzile kumkakhe, umfundisi ngendlela abese eyiyona ebusweni.
"Sonke simane saxakeka nje ukuthi ngempela kwenzakalani. Ubese egqunqile emnyama namehlo akhe esebomvu tebhu ukudinwa,'' usho kanje.
Isolezwe likhulume nomfundisi mayelana nalokhu, ezwakala ekhulumela phansi. Uvumile ukuthi uxoshiwe ebandleni.
"Ngiyalivuma icala lami impela ngonile. Angazi ukuthi bengingenelwe yini kangaka. Kodwa ngiyacela ndodana ningalubhali lolu daba,'' usho kanje.
Uveze ukuthi uzamile ukuxolisa kumkakhe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba engekho nasekhaya emukile waya kubo eMnambithi.
"Ngikhuluma nawe nje akekho ekhaya, ngizwile ukuthi ukubo. Nami angikho ekhaya ngizihlalele kwenye indawo ngesaba nokubabuka abantwana bami ngoba bangicasukele nabo, abafuni nakukhuluma nami,'' echaza uMcambi.
Ethintwa umama uthe sebeshade iminyaka engu-12 nomyeni wakhe futhi ubengakaze ambeke isandla. Wathi lokhu akwenzile kummangazile.
Uthe kodwa uzobuyela ekhaya baxoxisane ukuthi nje usafuna ukuhlehla kancane nasezintweni ezithinta ibandla.
Inhloko yebandla ezweni lonke, uMbhishobhi Nhlanhla Ntombela inqabile ukuphawula kumayelana nokudicilelwa phansi kwebandla alisebenzela kanzima kangaka.
“ Mfana wami angifuni nanokuthi kulokhu kuthiwa ngiphawulile. Ngilisebenzele kabi leli bandla eselehliswa isithunzi ngalolu hlobo...angiphawuli lutho,” usho kanje.
Ukuqinisekisile kodwa ukuthi uMcambi uxoshiwe.