UBALISA ngekusasa lakhe alibona lifiphala umfundi ozibiza ngomthandazi. Lokhu kulandela ukuxoshwa kwakhe esikoleni ngoba eshuqula iduku, alibiza ngokuthi ‘ngelezibonakaliso’.
UNosihle Mtshali (16) ofunda uGrade 11 eTemple Valley Secondary, eVerulam, uthi akazi ukuthi enze njani ngoba uxoshiwe esikoleni ngenxa yeduku elimhlophe alishuqulayo uma eya khona.
Ngokusho kwakhe, ungumthandazi, iduku elimhlophe alishuqulayo ekhanda limnikeza amandla futhi lenza ukuthi akwazi ukwenza nemisebenzi yakhe.
Isizathu esidala ukuthi alishuqule noma eya esikoleni uthe yingoba uma kufika imibono engalifakile, uvele ahayize nabantu abaseduze kwakhe bangazi ukuthi bazomsiza kanjani.
"Leli duku ngalikhonjiswa ngabantu bakithi abadala. Linginikeza amandla futhi lidala ukuthi nemibono icace uma ngivakashelwa ngabantu bakithi abadala. Ngiyalifaka nasesikoleni ngoba angifuni ukuphazamisa ukufunda, kubukwe mina sengihayiza,'' usho kanje uNosihle.
Eqhuba, uthe unina uqale wamazisa uthishanhloko wesikole mayelana neduku ukuthi uzolinqwaza unomphela. Uthi uthishanhloko wathi akanankinga kodwa kuthe uma esefika esikoleni washaya ingqimphothwe, wamvalela egunjini lakhe yedwa usuku lonke engadli, engaphuzi manzi futhi engayi nasendlini encane.
Ukhale kakhulu unina womfundi, uNkk Mabongi Mtshali, ethi uthishanhloko ukhombise ukungabi nobuntu bokuqondisisa isimo sengane.
Uqhube wathi kumanje ingane yakhe ibhadle ekhaya ngoba isikole sithi ngeke simamukele umfundi ongumthandazi futhi oshuqulayo ekhanda yena yedwa.
"Angisazi ukuthi ngenze njani ngoba lolu daba, ngike ngalukhuluma nothishanhloko ngonyaka odlule. Manje kodwa kubonakala sengathi isikole kasizimisele nhlobo ngokuthi sibe nozwelo kumntanami,'' kubalisa uNkk Mtshali.
USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz uZulu, onqabile negama lakhe, uthe kabanalo ulwazi lokuthi kunomfundi obhekene nale ngwadla. Uthe bakholwa wukuthi bonke abafundi kumele baye esikoleni, bafunde kungakhathaleki ukuthi bakusiphi isimo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe kuyaxaka ukuthi othisha kumele bathule bavumele abafundi bagqoke izinto okungafanele zigqokwe emagcekeni esikole. Ugcizelele ukuthi kumqoka ukuthi uhlonishwe umfaniswano wesikole.
Uthe abazali bomfundi kumele bamnxusele umfundi edlozini ukuthi akwazi ukuyofunda esikoleni kungabi bikho okugcina kumkhinyabeza.
Uthe yize kunjalo, bewumnyango bazoxhumana nesikole ukuze bathole umbiko ophelele ukuze kube nesixazululo.