EMASONTWENI amabili edlule kusuke omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana, kwaqala nempikiswano ngenxa yemibhalo yomunye wabalingisi bakuleli zwe, uNirvana Nokwe-Mseleku, lapho aveze khona izinsolo zokuthi kunomlingisi owenza wazizwa ehlukumezekile komunye wemidlalo ayelingisa kuwona naye isiqephu eseyamene nokwenza ucansi.
Nakuba engachazanga okuningi ngokuthi wubani lowo mlingisi nokuthi yimuphi lowo mdlalo, kodwa abaningi bazwelana naye futhi basigxeka isenzo salowo mlingisi ayemsolela lokhu.
Nokho lokhu kuqubule imibuzo nokudideka kubantu abangazi ukuthi kwenziwanjani uma kulingiswa iziqephu ezizodinga ukuthi kubanjwane, kuqatshulwane kuze kufikwe nasekwenzeni ucansi.
Omunye wabaqondisi bemidlalo yethelevishini, uLungelo Ngcobo, osebenze emidlalweni esingabala kuyona Imbewu: The Seed, Nkalakatha: Mandoza Biopic, Nikiwe ne-Smoke & Mirrors, uthe iziqephu ezibucayi njengalezo kuyinselelo ukuziqopha ngenxa yokuthi zidinga ukucophelela ukuze kungahlukumezeki muntu.
“Yingakho izinkampani eziningi ezikhiqiza imidlalo yethelevishini ziyaye ziqashe i-intimate coach, umuntu obhekelele ukuxhumana nabalingisi ababili abazoqopha iziqephu ezinezigameko zokuqabulana nokwenza ucansi, ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wenzeka ngendlela engezukuhlukumeza muntu. Lowo muntu usiza ngokuthi akhulume nalabo balingisi ngokuthi yikuphi okumele bakulindele, futhi axoxe nabo ngokuthi bafuna ukuthi okwenziwayo kwenzeke ngayiphi indlela,” kusho uNgcobo.
Eqhuba, uthe kuya nangokuthi ophrojusa bomdlalo izinto zabo bazihlele kanjani, kangangokuthi kwesinye isikhathi kuba khona uhlobo oluthile lwezimpahla zokugqoka ikakhulu izikhindi zangaphansi ezigqokwayo, okukhona kuzona nezihambisana nesikhumba somuntu ukwenza kube lula uma kumele nithintane.
“Siyaye sizame ukuqikelela ukuthi akuhlukumezeki muntu, nokuthi singavezi ubunjalo bemizimba yabantu kodwa okuyaye kwenze izinto zibe nzima wukungakhulumi ngokuthi umuntu ufuna izinto zenzeke kanjani, okungenza kube nenkinga uma sekumele kusetshenzwe noma emva komsebenzi,” usho kanje.
Umlingisi womdlalo wakwi-etv Isitha: The Enemy, uThobani Nzuza naye uvumile ukuthi ukuba khona kwe-intimate coach kusiza ukuthi ukuqopha iziqephu ezinjalo kungabi nzima kakhulu.
“Into ehluphayo wukuthi ezinye izinkampani azibaqashi laba bantu, nokuthi abanye abalingisi bayaye basabe ukukhuluma ukuthi yikuphi abafuna kwenzeke nabangakufuni, ngenxa yokusabela ukuthi ukusho into ongayithandi kungakubeka engcupheni yokuphelelwa wumsebenzi, kanti akunjalo.
“Bakhona nje abalingisi okwaziwayo ukuthi abakuvumi ukuqabulana, abagcina ngokubambana ngezandla nje kuphela. Ngiyakhumbula ukuthi nami ngake ngaba sesimweni esinjena ngisalingisa kwi-The Black Door, lapho engacela khona ukuthi izinto zenziwe ngenye indlela, ngenqaba ukuthi ngibonakale ngilingisa nginqunu, saqhubeka ngenye indlela,” kusho uThobani.
UNtokozo Ngcobo wodumo luka-Ibanathi emdlalweni osuwaphela othi Ifalakhe, yena uthe into esizayo ezimweni ezinjena wukungesabi ukukhuluma, nokuthi wakhe ubudlelwano nomlingisi osuke uzokwenza naye iziqephu ezinjalo, ukusiza ukuthi uma senizosebenza, umsebenzi ungabi nzima.
“Enye inkinga wukuthi abantu bakuleli zwe abafundisekile ngendlela esisebenza ngayo, okwenza ukuthi izinto abazibona sizenza uma sisebenza, bazilumbanise nempilo yethu yangempela, bakhohlwe wukuthi esikwenzayo kuwumsebenzi nje, akuhlangene nohlobo lwababantu esiyibona,” usho kanje.