UXOLISILE uSomlomo woMkhandlu wasebaQulusi, uMnuz Michael “Mkhonyovu” Khumalo, ozalelwe yinja endlini ngenkulumo ayisho emngcwabeni wekhansela.
UKhumalo ‘usha nendlu’ kulezi zinsuku njengoba i-IFP isikaza ukummisa emsebenzini emva kokusabalala kwenkulumo yakhe lapho ethembisa ukufaka emsebenzini ilungu lomndeni wekhansela le-IFP elisanda kushona, uMnuz Phaphama Mbatha.
Enkulumeni esabalale ezinkundleni zokuxhumana, uKhumalo uzwakala ethi umndeni wakwaMbatha kufanele ulethe ingane eyodwa ezoqashwa wumasipala.
Uqhubeka athi uma singekho isikhala somsebenzi, kuzoxoshwa umsebenzi oyi-ANC.Wakhuluma kanje emngcwabweni kaMbatha.Igxekwe yizinhlaka eziningi inkulumo yakhe, okubalwa amaqembu ezepolitiki nezinyunyana zabasebenzi.
Emva kokugxekwa kwenkulumo, uKhumalo ukhiphe isixoliso.
“Bengigajwe wumunyu ngase ngiyakhuluma ngingacabanganga. Ngikwazi kahle kamhlophe ukuthi amakhansela kawangeni ekuqashweni kwabasebenzi bakamasipala. Lona wumsebenzi wezikhulu zikamasipala. Ngiyaxolisa ngokudideka, okudalwe yinkulumo yami futhi ngiyazibophezela ekuvikelweni kwabo bonke abasebenzi bakaMasipala wasebaQulusi.”
USihlalo we-IFP KwaZuluNatal, uMnuz Thami Ntuli, uthe basikaza ukumisa uKhumalo.
“Nathi siwubuholi be-IFP sikhathazekile ngokushiwo wuKhumalo futhi izinsolo abhekene nazo zibucayi. Yingakho sesiqale uhlelo olungase luholele ekumisweni kukaKhumalo, kuze kube kuphothulwa uhlelo lwangaphakathi lokuqondiswa ubugwegwe.
“Sizowazisa umphakathi uma uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe seluphothuliwe. Uma kunesidingo, sizothatha izinyathelo ezifanele.”
UNtuli uthe balindele ubuqotho kuwo wonke amakhansela enhlangano.
“Senza isifungo ngesikhathi sikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya, sokubamba iqhaza lethu ekulungiseni iNingizimu Afrika. Siyi-IFP sizosebenza ngokuzikhandla ekulungiseni umonakalo okomasipala owadalwa yinkohlakalo nobuholi obungenabo ubuqotho.
“Ukuze sigcine isifungo esasenza ngaphambi kokhetho, kufanele sishanele yonke inkohlakalo nokwenzelela. Asikhathali noma ngabe kuthiwa kwenziwa wubani. Lesi yisibophezelo esisenzayo ebantwini baKwaZulu-Natal.”
UKhumalo angase azithole ephenywa nayihhovisi loMvikeli woMphakathi njengoba inyunyana yabasebenzi, iSA Municipal Workers Union iveze ukuthi izolibhalela ihhovisi ilicele ukuthi liphenye uKhumalo.
Kwale kancane izolo ukuthi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal buvulele uKhumalo icala emaphoyiseni.
Okhulumela i-ANC eKZN, uMnuz Mafika Mndebele, uthe bakumisile kancane ukuvulela uKhumalo icala emva kokuthi ekhiphe isixoliso.
UMndebele uthe basazoxoxa nabameli babo ukuzwa ukuthi yiziphi izinyathelo abangazithatha.