ISIKHULU esiphezulu seRoad Accident Fund (RAF), uMnuz Collins Letsoalo sithi asiyindawo futhi sisazimisele ukusebenzela abantu baseNingizimu Afrika.
NgoMsombuluko, uLetsoalo utshele izintatheli ukuthi yize le nhlangano esiza abalimele ezingozini zomgwaqo ibhekene nezingqinamba kodwa ikhokhele abantu uR45.1 billion kulo nyaka.
Ukhale ngokuthi abakwazanga ukufeza zonke izinhlelo akade benazo kwazise intela ekhokhwa abetha uphethroli isahleli ku-R2.18 ilitha ebikuwo kule minyaka emithathu edlule.
Uveze ukuthi le ntela ibangenisele u-R48.6 billion ngonyaka wezimali ka-2023/24.
“Sikwazile ukukhokhela abantu u-R45.1 billion yize sinezingqinamba. Sifike le nhlangano kubukeka sengathi izowa kodwa sakwazi ukuthi sinciphise isikweletu njengoba safika siwu-R19 billion kodwa manje sesiwu-R8.71 billion.”
Inkinga yethu enkulu kuseyizindleko zabameli ngoba yize songe u-R24 billion kulo nyaka kodwa zisami ku-R3.899 billion, okusho ukuthi bazinciphise ngo-R4.89 billion.
Ubalule ukuthi ukube abaqalanga izinhlelo zabo zokonga ngabe lezi zindleko zingaphezulu kuka-R50 billion onyakeni wezimali u-2027/28.
Uthe bathole izicelo zokunxeshezelwa eziwu-79 377, sebekwaze ukuvala eziwu-63 000.
Babuye bakhokha no-R12.7 billion kubantu abafake izicelo zokunxeshezelwa ngaphansi kwesigaba esibizwa nge-general damage. Ufanise le mali njengokuthi eyokuxolisa kubantu.
Ugqugquzele abalimala ezingozini zomgwaqo ukuthi bazithintele bona iRAF ngoba ikhona ukubasiza kuzo zonke izingqinamba ababhekana nazo emuva kokulimala.
Bangayithinta ngokushayela u-087 820 1 111, ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-7.45 ekusenu kuya ku-4 ntambama. Bangangena nakwi-website yayo ethi www.raf.co.za.