OWESILISA oneminyaka engu-28, uvume icala lokubulala isitshudeni saseMangosuthu University of Technogy (MUT) ngoJulayi, nonyaka, ethi wayenziwa yintukuthelo nesikhwele.
UBongani Sanele Mlambo odabuka KwaNibela, eHluhluwe kodwa obesezinze eMlaza, uvele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, izolo lapho evume khona icala.
Usolwa ngokugwaza amahlandla amaningi abulale ayethandana naye, uNksz Xolile Mbatha (23) endaweni ehlala izitshudeni, i-Ark Royal, eSouth Beach, eThekwini, ngoJulayi 31, nonyaka.
Kuthiwa emuva kokuthi uMlambo ebulale lesi sitshudeni esasenza iziqu ze-Electrical Engineering, wadla phansi wayobhaca kubo eHluhluwe.
Izolo, uMlambo uyithathe wayibeka ngamehlo engqondo inkantolo encwadini agonyuluka kuyona ngakho konke okwenzeka kwaze kwafika ekutheni azinikele emaphoyiseni aseHluhluwe, ngoSepthemba 20, nonyaka.
Encwadini avume ngayo icala, efundwe wummeli wakhe uMnuz S Madongo, uMlambo uthi uqale ukwazana noNksz Mbatha ngo-2018 kwiFacebook base behlangana eMUT ngo-2019.
Le ndoda ithi yathandana noNksz Mbatha futhi basonta ndawonye, uthando lwabo luvutha amalangabi kodwa izinkinga zaqala ngasekuqaleni konyaka odlule.UMlambo uthi wabona umyalezo kwiselula kaNksz Mbatha owawuvela kowesilisa abasonta naye owayemeshela.
“Ngambuza umufi ngalokhu kodwa wathi akukho lutho olutheni, le ndoda imthumelela amavesi eBhayibheli kuphela. Ngayiqonda indoda ngayibuza, yavuma ukuthi iyameshela, yaxolisa. Yaqhubeka kodwa nokumeshela, udaba ngaze ngalubika kwabadala enkonzweni. Ngangiyithanda kakhulu intombi yami,” kusho uMlambo.
NgoJulayi nonyaka, uMlambo uthi watshelwa nguNksz Mbatha ukuthi ukhulelwe amawele kodwa emuva kwezinsukwana wathi sichithekile isisu futhi akaphume empilweni yakhe.
UMlambo uthi zamphatha kabi lezi zindaba kwathi ngoJulayi 30, waya e-Ark Royal, ehanjiswa ngemoto wumngani wakhe lapho afike wahilizisana kanzima noNksz Mbatha.
Ngakusasa uthi wabuyela ngetekisi kule ndawo, wafica umufi egeza, yaqala phansi ingxabano, umufi emthethisa.
“Wayengithethisa ethi ngizokwenzani ngoba ushilo akasafuni ukuphinde angibone. Kwaqhamuka nomngani wakhe (umufi) wangibuza ukuthi kungani ngihlupha umufi kanti angiboni yini ukuthi akasangifuni? Kwangiphatha kabi lokho, ngase ngithatha ummese owawusetafuleni ngamgwaza,” kusho uMlambo.
Ulandise inkantolo ukuthi uNksz Mbatha wawubamba ummese, wase naye eyaphindisela kanye esiswini lokhu uMlambo athe kwamthukuthelisa waphuca umufi ummese wase emgwaza amahlandla amaningi, wamshiya ethule wabuyela eMlaza.
Uthe wasuka eMlaza walibangisa eHluhluwe efuna ukuyokhuluma nomndeni wakhe ngesenzo sakhe kodwa ingcindezi yokubona izithombe zakhe zigcwele izinkundla zokuxhumana ebizwa ngombulali ofunekayo, igcine imenze waya wayozinikela.
Uvumile ukuthi nguyena owagwaza uNksz Mbatha wambulala futhi akaphoqwanga muntu ukuthi avume icala ukwenze ngokuthanda kwakhe.
IJaji uSharmane Balton lithe okwamanje alikazoyamukela incwadi agonyuluka ngayo uMlambo ngenxa yokuthi uMbuso awuyihlinzekanga inkantolo nomsolwa umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu.
IJaji uBalton lilihlehlisele uLwesine ngesonto elizayo icala ukuze kutholakale lo mbiko bese ekhipha isigwebo.
Umshushi u-Advocate BN Mbokazi uhlinzeke inkantolo ngesitifiketi sombiko kadokotela wangawuletha wona uphelele.