UVULE icala lokwehliswa isithunzi unobhala jikelele weNFP, uMnuz Teddy Thwala, obizwe ngembongolo washwabulelwa ngokufa.
UThwala ubizwe ngembongolo yilungu leNFP okuthiwa lisebenza komunye womasipala abangaphansi kwesifunda, iZuland.
Enkulumweni eqoshiwe, kuzwakala ilungu leNFP lithi ngabe kungcono ukuba uThwala wafa.
Ingxabano iqale ngemva kokuthi iNFP iphunyukwe yisikhundla sobumeya kumasipala wesifunda, iZululand.
I-NFP ibifuna ukuthi uMengameli wayo uMnuz Ivan Barnes, agaxwe amaketango obumeya kulo mkhandlu.
Kuphenduke amatafula ngesonto eledlule, kwaqokwa uMnuz Michael ‘Mkhonyovu’ Khumalo, oyikhansela le-IFP, ukuba athathe isikhundla esivuleke emva kokwesula kukaMfundisi Thulasizwe Buthelezi, osephathiswe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Ingwijikhwebu yokungaqokwa kukaBarnes yenze ukuthi amalungu eNFP ajikelane wodwa, amanye, okubalwa kuwo uThwala, asolwa ngokusebenzisana ne-IFP.
Enkulumweni eqoshiwe, kuzwakala umholi weNFP ekhwela edilika kuThwala, emsola ngokusebenzisana ne-IFP.
“Sawubona Teddy, wena lamanyala owenzayo okuxova iqembu lethu, wena uyiNkatha kodwa uxova iqembu lethu. Siyawazi amanyala owenzayo. Ngeke uze ulunge mfana wami. Sobona ukuthi ubani ozogcina phakathi kwami nawe. Uyimbongolo kabi wena. Awuzwa nasemadlebeni, uyimbongolo nje. Akekho usopolitiki ongezwa nasemadlebeni njengawe.”
Inkulumo iphetha ngokuthi lomholi weNFP aveze ukuthi uThwala bamthakatha kancane kwi-UDM, aze athi ufisa engabe usafa.
“Bakuloya kancane, uyimbongolo wena. Ukube kwa-UDM bakuloya wafa, ngabe kungcono.”
UThwala uthe izinkulumo eziqoshiwe uzithunyelelwe ngoWhatsapp, wathi umsolwa uyamazi. Uthe okuqukethwe yizinkulumo kumenze wasabela impilo yakhe.
“Angikwazi ukungathuki uma ngithola izinsongo ezinje ikakhulukazi uma uzobheka ukuthi isimo sishube kanjani lapha esifundazweni. Kunesisho esithi isishiphi sikhonga ukunya.”
UThwala uthe ufuna ukuthi umsolwa alethe ubufakazi bezinto amsola ngazo. Uthe usazothathela amanye amalungu eNFP izinyathelo.
“Kunemibhalo nezinkulumo eziqoshiwe ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, lapho ngithukwa ngamalungu eqembu. Konke lokho ngizokunikeza amaphoyisa.”
Okhulumela amaphoyisa, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aphenya icala lokwehlisa isithunzi.