BAHLUKENE phakathi abaholi beNFP ngezinsongo zokuhoxa kuhulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal.
Unobhala jikelele wale nhlangano ewumbeki wenkosi esifundazweni, uMnuz Teddy Thwala, uthe angeke baphume kuhulumeni wokubambisana ne-IFP, ANC neDA.
Lokhu kuphikisana nezinsongo ezenziwe umengameli weqembu, uMnuz Ivan Barnes, ngeledlule lapho esabise khona ngokuhosha imfe uma benganikezwa isikhundla sobumeya kumasipala wesifunda iZululand.
UBarnes wayesigaqele lesi sikhundla kodwa sagcina sithathwe ikhansela le-IFP, uMnuz Michael “Mkhonyovu’’ Khumalo.
Emva komhlangano owakhetha uKhumalo, uBarnes wasabisa ngokuhoxa kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
Kepha uThwala uthe angeke baphume kuhulumeni waKwaZulu-Natal njengoba ekhala ngokuthi isivumelwano sokubambisana kuhulumeni waKwaZulu-Natal asibafaki omasipala.
Njengengxenye yesivumelwano sokusebenzisana, iNFP yanikwa uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ophethwe uNksz Mbali Shinga.
“Abantu kufanele bakuqonde ukuthi kunomehluko phakathi kukahulumeni kazwelonke, owesifundazwe nohulumeni wasekhaya. Izimo azifani kuhulumeni wesifundazwe nakomasipala. Ngesikhathi sivuma ukusebenzisana kuhulumeni wesifundazwe, asizange siyikhulume indaba yakomasipala. Angicabangi ukuthi ngesikhathi amaqembu evumelana ngokusebenzisana esifundazweni ayevuma ukuphisana ngomasipala.”
UThwala uthe uNksz Shinga uzosiphatha lesi sikhundla kuze kufike ukhetho olulandelayo.
“Sizoqhubeka nokumeseka, akekho ozomkhipha. Uzophatha kuze kuphele iminyaka emihlanu. Abantu kufanele bakuqonde ukuthi into ebalulekile lapha ukufeza izifiso zabantu baKwaZulu-Natal. Abantu akufanele bafune ukusebenzisa uShinga ukulwa izimpi zabo zokufuna izikhundla.”
UThwala uthe iNFP angeke izuze lutho ngokuhoxa kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
I-NFP inesihlalo esisodwa esiShayamthetho, ukuhoxa kwayo kungashiya i-IFP, ANC neDA benezihlalo ezingu-40 uma behlanganisiwe.
I-MK inezihlalo ezingu-37, bese kuthi i-EFF ibe nezimbili.
“Lokho ke kungadala ungqingetshe ngoba izihlalo ziyokube sezilingana. Lokho kungakhinyabeza ukusebenza kukahulumeni wesifundazwe nokungaholela ekutheni mhlawumbe kugcine kuqalwa phansi ukhetho. Leyo nto ngeke ibasize ngalutho abantu baKwaZulu-Natal kodwa izobambezela ukulethwa kwezidingo.”
UThwala uthe udaba lokuphathwa komasipala waseZululand lunzima ngoba kunezimpi zangaphakathi kwiNFP.
Kunamakhansela eqembu amabili eNFP, uNksz Khanyi Jiyane, noMnuz Sibusiso Nkosi, aphonsela inselelo ukuxoshwa kwawo.
UThwala uthe njengoba kusenamacala asezinkantolo kunzima ukuthi bangaxoxa eyokuthi kufanele banikezwe umasipala.
“Njengamanje kusaxabene ubendle, kufanele silinde la macala asezinkantolo kuqala.”