BAYALELWE ukuthi babambe amatomu oNgqongqoshe asebephefumula ngezinto abazozenza eminyangweni abeyengamele ezweni njengoba umkhombandlela ozolandelwa uzokhishwa nguMengameli Cyril Ramaphosa.
Lo myalelo ukhishwe nguNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni ngoLwesine, ekhuluma esithangamini nabezindaba eKapa.
Ongqongqoshe abahlukene bamatasa baphawula ngezinto abazozenza kuhulumeni wehlandla lesikhombisa, kulandela ukufungiswa kuleli sonto.
UNksz Ntshavheni uthe imigomo emisha ezolandelwa nguhulumeni, izobhungwa ngelizayo emhlanganweni weKhabhinethi Lekgotla.
“Lo mhlangano uhlelelwe uJulayi 11 noJulayi 12. Kuwona kuzobhungwa ngemigomo ezolandelwa kubhekwa umqulu wokuthuthukisa izwe i-National Development Plan. Abaqondisi jikelele beminyango babuka yonke imigomo yamaqembu ayingxenye yohulumeni wokuphatha ngokubambisana, bese becaphuna imigomo engasetshenziswa ukuthuthukisa izwe. Izobe isihlanganiswa kwenziwe imigomo eyodwa okuyiyo izwe elizogxila kuyona kule minyaka emihlanu ezayo.”
Uthe uRamaphosa uzobe esethula isihlanganisiwe ePhalamende ngoJulayi 18, isiwumkhombandlela wezwe.
“Alikho iqembu okuzothi uma sekuphasiswe le migomo bese kuba elayo. Kuzobe sekuba yimigomo kahulumeni, isihlanganisa wonke amaqembu angu-11 ayingxenye kahulumeni.”
Ugcizelele ukuthi akekho ungqongqoshe ozophusha imigomo yeqembu lakhe, kodwa imigomo ezophushwa ngekahulumeni okuzobe kuvunyelwene ngayo emhlanganweni weKhabhinethi lekgotla.
Uveze ukuthi emaqenjini angu-11 ayingxenye kahulumeni, alikho elizobe seliyigxeka.
“Amaqembu aphikisayo yi-MK ne-EFF kanjalo namanye angekho kuhulumeni wobumbano. Amaqembu akuhulumeni wobumbano, yiwona aphethe uhulumeni. Imigomo kuzobe kungeyona eye-ANC, DA noma i-UDM, kodwa ekahulumeni.”
Uveze ukuthi ongqongqoshe bazobe sebelandela le migomo emisha kahulumeni.
“Okwamanje awukho umgomo okhona ezweni, ngoba eyehlandla likahulumeni wesithupha iphele ngesikhathi kufungiswa uRamaphosa. Ngalesi sikhathi ongqongqoshe bamatasa nomsebenzi wokuxhumana nabaqondisi beminyango, ukuthola ngezinto ebezenzeka emnyangweni, nokuthi imiphi imigomo okumele ifakwe ukuze iminyango iyilandele,” kugcizelela uNksz Ntshavheni.
Mayelana nabakhala ngokwanda kwesibalo seKhabhinethi ekubeni bekunezinhlelo zokuyinciphisa, uNksz Ntshavheni, uthe abavoti yibona abadale lesi simo.
“Ukube abavoti bavotela iqembu elilodwa ukubusa uhulumeni, ngabe ayibanga khona le nkinga. URamaphosa wayehlele ukunciphisa isibalo seKhabhinethi kodwa ngenxa yokuthi iqembu lakhe alitholanga amavoti enele okuthi akwazi ukwenza lokhu, leli phupho alizange lifezeke.”
Uthe basazoqhubeka nezinhlelo zokuthi kube nengxoxo ngekusasa lezwe ezohlanganisa izinhlaka ezehlukene zomphakathi.
Ugcizelele ukuthi njengoba sebekhethelwe kwiKhabhinethi, bazosebenzela izwe hhayi amaqembu.
“Njengoba sifungile nje, asisebenzeli amaqembu ethu kodwa sesisebenzela izwe. Konke esikwenzayo sibeka phambili izwe, hhayi amaqembu ethu asijubile.”