UZAME kaningi ukulugwema uhambo lokuyothatha ikhasimende Kwa-E eNtuzuma umshayeli wezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile waseLindelani otholwe eshiswe nemoto ngoLwesibili ekuseni.
UMnuz Lungisani Cele (28) ongowokudabuka ePort Shepstone, utholwe eshiswe nemoto yekhe iTotoya Corolla Cross ngoLwesibili emva kokuthi ephume eyothatha ikhasimende ngoMsombuluko ebusuku. I-app abesebenza ngayo yi-Bolt.
Umzala wakhe, uMnuz Mhlengi Xaba, naye ohlala emqashweni oseduze nokamufi eLindelani, uthe usinqabe kaningi isicelo ebesiya ngala agcine ebulawelwa khona.
“Uqale wasinqaba kaningi, ethi akafuni ukuya kuso. Lo obesifaka isicelo, ubelokhu eqhubeke njalo nokusifaka. Uthe esuka wabe esamukela,” kusho uXaba.
Uqhube wathi ngesikhathi esamukela, uthe kubona usivuma ngoba siseduze. Elilinganisa ibanga uXaba, liphakathi kwamakhilomitha amabili kuya kwamathathu ukusuka emqashweni wabo.
Uthe baqale ukuqaphela ukuthi kukhona okushaya amanzi ekuseni ngoLwesibili ngesikhathi sekufona izisebenzi avame ukuziyisa emsebenzini ngo-6, zithi akazilandile.
“Sithe uma sibheka, sabona imoto yakhe ingekho, saqala sadideka. Sithathe inye iselula yakhe, nayo enemininingwane yakhe yokungena kwi-app ka-Bolt, sangena kwi-app sabona ukuthi ugcine ngalo lolu hambo kwaseNtuzuma obeluthathe ngabo-08:30 ebusuku ngoMsombuluko,” kusho uXaba.
Uqhube wathi balandele izinkomba zohambo, ezibathathe zababeka endaweni yesigameko.
“Sizithele phezu kwamaphoyisa nongoti abahlola izindawo zezigameko, behlola indawo yesigameko. Bekukhona imoto yakhe, ishile, sathola ukuthi naye ushele phakathi,” kulandisa uXaba.
Uqhube wathi umufi ubelaliswe ezihlalweni zangemumva nokubenza basole ukuthi uqale wabulawa ngaphambi kokuthi ashiswe nemoto.
Uthe banezinsolo eziqinile zokuthi umuntu obefake isicelo sokuthi a zomthatha uyathinteka ekwenzakalisweni kukamufi.
Uthe omakhelwane ababize amaphoyisa endaweni yesigameko emva kokubona ukuthi kanti umlilo ebebezitshela ukuthi usha kude bekusha imoto.
Uthe umufi ubengesiye umuntu ojwayele ukwamukela izicelo zasemalokishini ebusuku, uma kwenzekile wasebenza ebusuku, ubesuke amukele izicelo zasesilungwini. Uveze nokuthi ubesenezinyanga ezintathu kuphela ezisebenza kulo msebenzi.
“Siyabufuna ubulungiswa ngokubulawa kwakhe. Inombolo ebifake isicelo sohambo, siyifonele kodwa sathola ukuthi ivaliwe,” kusho uXaba othe badidekile ukuthi ubulawelweni nemoto yakhe yashiselwani ngoba ubengesiye umuntu ogolozayo uma elwiswa.
Uthe lokhu ukusho ekhumbula isigameko sanyakenye lapho wake waphucwa imoto, yabuye yatholwa KwaMashu.
“Wayengakawuqali lomsebenzi. Kwakuyizigebengu nje ezamphuca imoto, akudingekanga ukuthi zise zenze okuningi ukuze azinike,” kusho uXaba.
Umufi ubenengane eneminyaka emithathu.