UMCULI kamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose, usolwa ngokuphuca isinkwa abantu akade besebenza esibhedlela saseThekwini, iKing Dinuzulu.
Laba basebenzi bathi sebesebenze iminyaka eyisikhombisa kuya kweyishumi kulesi sibhedlela ngaphansi kwenkampani iTower City Cleaning Services. Bathi izinkinga zabo ziqale emuva kokuphelelwa wumsebenzi kweTower City, ngoDisemba nyakenye.
Omunye wabasebenzi uNksz Zinhle Sibiya, uthe indawo yeTower City ithathwe yinkampani kaKhuzani, Indlamlenze Cleaning Services.
"Ngokwesivumelwano neTower City, Indlamlenze bekufanele isithathe sonke thina basebenzi abadala, kungabikhona muntu ophelelwa wumsebenzi. Ngempela kuhambe kahle kusaqala uJanuwari kodwa sathi sisabenze izinsuku ezine, kwatheleka abantu abasebenza nekhansela laku-ward 35, bathi akuqalwe kabusha ngokuthi kwenziwe inhlolokhono."
UNksz Sibiya uthe bayenza inhlolokhono kwabe sekuthathwa abasebenzi abasha kwathi abadala bashaywa ngesithende kwiNdlamlenze Cleaning Services.
Uthe balulwa lolu daba babuyiselwa emsebenzini ngoJanuwari 16.
"Kwabe sekwenziwa isivumelwano sokuthi sonke sizoqala phansi sisebenze izinyanga eziyisithupha emuva kwalokho kuzobuyekezwa izivumelwano."
Esephetha uNksz Sibiya, uthe emuva kokuphela kwesivumelwano sezinyanga eziyisithupha kuphinde kwenziwa inhlolokhono, okuthe emuva kwayo, bakhonjwa indlela.
Ethintwa uKhuzani, unxuse ukuba kuxhunyanwe nokhulumela inkampani, uMnuz Alpha "Zwide" Nxumalo, okuqinisekisile ukuthi izivumelwano zabakhalazayo nenkampani zifinyelele emaphethelweni.
Uze wakuqinisekisa lokho ngokuthumelela Isolezwe izivumelwano abazenza nabasebenzi futhi bazisayina, ezithi umsebenzi wabo uqala ngoJanuwari futhi uyagcina ngoJuni 30.
Echaza, uthe bona njengenkampani bebezimisele ukubaqasha bonke ngesihe hhayi ngempoqo kodwa kwafumaneka ukuthi bangaphezu kwesibalo esidingeka esibhedlela.
Echaza ukusuka nokuhlala kwale ndaba, uthe bona babazi ukuthi abasebenzi bawu-122, ngakho kudingeka abawu-28 abazoqashwa kabusha. Uthe bashaqeka sebethola ukuthi empeleni abasebenzi abakhona bawu-206, sekuhlangene nabasha, ekubeni kudingeka abawu-150 kuphela.
Eqhuba uNxumalo, uthe baphoqelekile ukuba baqhubeke babaholele futhi babathengele nomfaniswano kuze kuphele izinyanga eziyisithupha. Uthe lokho bebekwenza ngesihe, futhi balahlekelwe yizizumbulu zemali ngalokho.
Uthe yingakho begcine benze inhlolokhono okuyiyo ebahlungile. Uthe balandele yonke imigudu futhi babikela ngisho nabakwaCCMA. Bebuzwa abasebenzi ukuthi bayile yini kwaCCMA, bathe bayile kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba sebelufaka kwabezindaba udaba.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwekhansela ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. NoNxumalo uthe usenesikhathi agcina ukuxhumana nekhansela ngoba alitholakali.