BASOLA ukuthi ubemyenga unina wezingane zakhe uma ethi akazogubha usuku lwakhe lokuzalwa emqashweni wakhe oseLusaka, eMawoti, eNanda, ngoMgqibelo, owesilisa ongumpheki okuthiwa ugcine embulala ngeSonto.
UNksz Mbali Makokone (29) wakhona endaweni kuthiwa utholwe efile ngaphakathi emqashweni kamsolwa anezingane ezimibili naye, eneminyaka emibili neyisithupha.
Kuthiwa ngesikhathi kufika amaphoyisa, umsolwa uficwe ezidlela inyama eduze kwesidumbu esazidlubhe ziphelele izingubo ezinegazi abezigqoke ngesikhathi ebulala umufi.
Uthe ngesikhathi eseboshwa, utshele amaphoyisa ukuthi awamnike isikhathi agqoke izingubo ezifudumalayo ngoba kuyabanda esitokisini.
Kuthiwa endaweni yesigameko bekukhona isitini esigcwele igazi, umufi enenxeba lokugwazwa emqaleni, nezibazi zokuklinywa.
Isihlobo sikamufi esicele ukungadalulwa silandisa ngesigameko sithe, baqale baxakwa ukufika kwezingane zikamufi kubo ekuseni, zihamba zibambene ngezandla.
“Sithe uma sizibuza ukuthi kwenzenjani zafika zodwa, endala yathi uyise uzinike u-R10 wathi azihambe ziyothenga esitolo bese ziza ekhaya. Ibe isisho nokuthi uyise ubemshaya unina,” kusho isihlobo.
Siqhube sathi abazange banake ukuthi konakele njengoba bese kujwayelekile ukuthi umsolwa amshaye umufi.
Uthe bathuke sekungena ucingo lwesihlobo sithi asihambe siyobheka ukuthi konke kuhamba kahle yini kumufi emqashweni kamsolwa ngoba uqeda kuthola ucingo lwakhe, ethi awuze umndeni wakhe uzomthatha.
“Umama uhambe waya khona, wafica umshophi. Nathi size kamumva safica kugcwele abantu egcekeni, abanye bezobuka, abanye bebevele bekhona njengoba uMbali ebegubha usuku lwakhe lokuzalwa,” kusho isihlobo.
Uthe abakutholile ukuthi kugujwe umsolwa engekho, eye emsebenzini.
Uqhube wathi ubuye ezintatha, wafika abantu begcwele igceke kuphuzwa, wakhombisa ukunengeka yize engashongo lutho.
“Sizwa kuthiwa ekuseni umsolwa nomufi baphelezele omunye umngani kamufi esegoduka. Kuthiwa akuphelanga sikhathi esingakanani sebebuyile, waqala wamshaya endlini,” kusho isihlobo.
Uthe okubaphathe kabi ukuthi umufi ubulawe kukhona abantu egcekeni kanjalo nomakhelwane abaseduze, okukhona kubo ngisho nabesilisa kodwa bonke abakwazanga ukusiza.
Uthe umufi ubulawa nje ubenezinsuku ezintathu ebuye ekhaya emva kokuxoshwa umsolwa abehlala nye emqashweni.
“Kuthe uma sekusondela usuku lwakhe lokuzalwa, wamncenga ukuthi eze emqashweni wakhe. Sesibona sengathi ubevele ehlele ukumbulala ngoba umbiza nje ubazi ukuthi baxabene, wajika wahamba wayosebenza, wambulala emva kwamahora ambalwa ebuye emsebenzini,” kusho isihlobo.
Uthe bafuna ubulungiswa ngobulwane abenzile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Nata,l uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa abophe owesilisa oneminyaka engu-38 emva kokuthi owesifazane oneminyaka engu-29 etholwe efile ngeSonto eLusaka.
“Umufi ubenezibazi eziningi zokulimala emzimbeni. Umsolwa bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yaseNtuzuma ngoLwesibili. Imbangela yokubulala ayikaziwa,” kusho uConst Ngcobo.