USHAYE ungqimphothwe ngesicelo sebheyili owesilisa obhekene necala lokubulala unina.
UMnuz Thabang Moswane (24) ubhekene necala lokugwaza abulale umama wakhe.
Kuthiwa uMoswane wagwaza wabulala unina ngoMsombuluko, ngoMeyi 9 nonyaka.
Imibiko yokuqala ithi lo msolwa waba nengxabano nomama wakhe, uKedisaletse Elizabeth Moswane (53). Amaphoyisa afika endaweni yesigameko athola isidumbu sowesifazane emkhukhwini sinamanxeba okugwazwa. Amaphoyisa abikelwa ukuthi uThabang watholakala ephuza igazi likanina ngemuva kokumgwaza afe.
Umsolwa waboshwa ngaleso sikhathi wavela eNkantolo yeMantshi eKoster. Bekulindeleke ukuthi kulalelwe isicelo sakhe sebheyili ngaphambi kokuthi icala lidluliswe.
“Uvele okokuqala eNkantolo yesiFunda eKoster kulandela ukudluliswa kwaleli cala lisuka eNkantolo yeMantshi. Isicelo sokudluliswa kwaleli cala safakwa umqondisi wezokushushisa ngenxa yobucayi balo,” kusho uHenry Mamothame okhulumela abeNPA.
Bekulindeleke ukuthi uMoswane aqhubeke nemizamo yakhe yokuthola ibheyili kodwa akabange esayingena. Icala lakhe lihlehliselwe u-18 Okthoba 2022 lapho uMbuso uzodlulisela khona yonke imiqingo yamaphepha kubameli ukuze kulungiselelwe ukuqulwa kwecala.