UBONAKALE ehlengezela izinyembezi umsolwa obhekene nohide lwamacala okubalwa kuwo nelokubulala.
UNkk Agnes Sekgomotsi Setshwantsho (49) ubuyele eNkantolo yeMantshi eMolopo ngecala lokubulala, amabili okukhwabanisa nelokwephula umthetho.
Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 22 Meyi 2024 lapho kuzozwakala khona isinqumo somqondisi wezokushushisa kuleli ngokudluliswa kwaleli cala liye enkantolo enkulu.
“Ubucayi baleli cala yibona obenza kube nesidingo sokuba lidluliselwe enkantolo enkulu, lokhu kuzozwakala mhla libuyela enkantolo icala. Umsolwa uzoqhubeka nokugqunywa esitokisini njengoba ahluleka esicelweni sakhe sebheyili,” kusho uHenry Mamothame okhulumela iNPA eNorth West.
Uphenyo olunzulu olwenziwe wuphiko lwezobunhloli oluholwa uSergeant Kheshi Mabunda lwaholela ekuboshweni komsolwa ngezinsolo zokuthi wabulala izihlobo zakhe ukuze ahlomule ngezicelo zomshuwalense.
Lo nkosikazi waboshwa endaweni yaseCenturion ngemuva kokuthi amaphoyisa ephenye ngokufa kukamshana wakhe, okwadingeka ukuba kumbiwe isidumbu sakhe ukuze sihlolwe.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi umyeni kamshana namanye amalungu omndeni azwakalisa ukungenami kwawo ngendlela ashona ngayo nangokuthi umsolwa wayethathe umshuwalense ka-R3 million egameni likamufi, ezinyangeni ezimbalwa ngaphambi kokuba ashone.
Ethula ubufakazi uSergeant Mabunda, utshele inkantolo ukuthi umsolwa akafanelwe wukuthola ibheyili ngoba esaphenywa ngamanye amacala okubulala indodana yakhe, umyeni wakhe namadodakazi akhe amabili.
U-Sgt Mabunda uthe uphenyo lokufa kwendodana kamsolwa uKutlo luguqulelwe ecaleni lokubulala ngemuva kokuvela kombiko othi unina nguyena muntu wokugcina wokubona indodana yakhe iphila.
Kuthiwa indodana yakhe wayeyikhave ngomshuwalense ka-R6 million. Kuthiwa umufi wagcina ukudla i-burger yaseSteers ayithengelwa ngunina ngesikhathi besendleleni ebheke eMothibistad, besuka eKapa lapho yayifunda khona ngaphambi kokudlula emhlabeni.