OWESILISA uvele enkantolo ngamacala ayisithupha okubulala ngokungenhloso amalungu ayisithupha omndeni kaNgqongqoshe wezokuThutha eNingizimu Afrika.
UMnuz Celumusa Ngwenya (36) uvele eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi ngoLwesibili.
Icala libe selihlehliselwa uFebhuwari 14 ukuze uNgwenya ezokwazi ukuxhumana kahle nommeli wakhe futhi ahlinzekwe ngamaphepha aqukethe imininingwane yecala.
Kubikwa ukuthi uNgwenya uzithola esenkantolo nje, ubethunyelelwe amasamanisi abembizela khona.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe icala lithinta ingozi yangoJulayi 17, 2022.
Uthe abashona kwakungamalungu omndeni kaNkk Chikunga ayeneminyaka ephakathi kuka-40 nemine.
“Emuva kwengozi kwaqalwa uphenyo olwaluholwa umshushisi oluholele ekutheni agcine ebizelwa enkantolo ngamasamanisi uNgwenya. Enkantolo uNgwenya ucele ukuba ahlinzekwe ngommeli wamahhala wakwaLegal Aid,” kuchaza iNPA.
UNkk Ramkisson-Kara uthe uNgwenya udedelwe inkantolo ngesexwayiso sokuba abuyele enkantolo ngenyanga ezayo.
Phambilini kwavela ukuthi kwakuyindodana endala kaNkk Chikunga, inkosikazi yayo nabantwana babo abane abaphangalala engozini eyayinyantisa igazi.
Ingozi yenzeka kuyimpelasonto ebusuku emgwaqweni onguthelawayeka uN11 eMnambithi.
Kuthiwa uNkk Chikunga zamethusa kakhulu futhi zamushiya ephatheke kabi izindaba zokudlula emhlabeni kwamalungu omndeni wakhe ngale ndlela.
Isitatimende soMnyango wezokuThutha, owawuholwa uMnuz Fikile Mbalula ngaleso sikhathi, sathi abashona babekade besuka esifundazweni iMpumalanga belibangise KwaZulu-Natal kanti bazohlangabezana nengozi eyayimbandakanya iveni nemoto eyi-sedan.