UVELE eNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo, umsolwa oneminyaka engu-24, okuthiwa ubezama ukubamba inkunzi amadoda amathathu, ngoLwesibili, amnqoba ngamandla wabaleka washiya imoto, wabe eseyovula icala lokudunwa imoto.
Kuvela ukuthi umsolwa ugibelise abagilwa abathathu emotweni yakhe ebihamba emgwaqweni omkhulu uDumisani Makhaye.
Kuthiwa ngesikhathi besendleleni, yilapho umsolwa emise khona imoto wakhipha isibhamu wabaphuca nezimpahla zabo. Kuthiwa omunye wabagilwa ukwazile ukunqoba umsolwa, emuva kwalokhu ubalekile washiya imoto ngemuva.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe abagilwa babe sebeshayela imoto baya esiteshini samaphoyisa KwaDabeka, lapho befike khona babika ukuthi ubebabamba inkunzi, kwavulwa icala kwaqala uphenyo.
Kuthiwa umnikazi wemoto uboshwe ngesikhathi efika esiteshini samaphoyisa ezobika icala lokudunwa imoto elingekho.
Ube esegcinwa ezitokisini KwaDabeka kanti uvele izolo eNkantolo yeMantshi ePinetown.
Khonamanjalo, amaphoyisa aseMpangeni abophe abesilisa abaneminyaka engu-34 no-64 emva kokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Kuthiwa amaphoyisa athole ulwazi ngabantu abanezibhamu, abe esedlulela emzini oseNdodandwane, eMpangeni, lapho kutholakale khona izibhamu ezintathu ebezinezinhlamvu ezinhlanu. Kuboshwe amadoda amabili ngecala lokutholakala kwezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi eMpangeni, ngoLwesibili, icala labo lahlehliselwa u-Okthoba11, nonyaka.