UBOSHWE nezinkabi zakhe owesifazane obhekene necala lokwakha itulo lokubulala umyeni wakhe uThomas Mashimbi owayeyiphoyisa.
UNkk Mamokgethe Gertrude Mashimbi (41), Thandi Margaret Khumalo (38), William Maluleka (32), Nicholas Malope (35) noJan Chauke (28), bavele eNkantolo eNkulu yaseNorth West, ngecala lokubulala umyeni kaMamokgethe Mshimbi.
Uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi lo nkosikazi waqala ngoNovemba 10, 2017, ukuveza izinkinga ngomyeni wakhe. Ngalolo suku wavulela umyeni wakhe icala lokumhlukumeza wafuna nencwadi yesivikelo. Nebala wayithola incwadi, kwathi uThomas Mashimbi (umyeni) wathathelwa nesibhamu somsebenzi ngesikhathi kusaphenywa ngezinsolo ezenziwa wumkakhe nokuthi ufanelwe yini ukuphatha isikhali?
Uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi phakathi kukaJanuwari 7 kuya ku-24, 2018, uMamokgethe Mashimbi wahlangana nabantu ababili ngenhloso yokwakha itulo lokugebenga emzini wakhe oseLebanon, ngaseWinterveldt.
Laba bahluleka ukwenza lo msebenzi, babikela amaphoyisa ngaleli tulo.
Kuthiwa unkosikazi wasuka lapho waxhumana noKhumalo, owamxhumanisa nabanye abathathu nokuyilapho okwakhiwa khona itulo lokubulala umyeni wakhe.
Kuthiwa ngoFebhuwari 21, 2018, uMamokgethe waqinisekisa ukuthi ushiya isango nomnyango wasekhishini kungakhiyiwe ukuze imigulukudu izokwazi ukungena kalula emzini wakhe isizokwenza umsebenzi.
Kuthiwa ngalobo busuku kwafika uMaluleka, Malope noChauke abagasela kulo muzi badubula babulala uThomas, beba amaselula amabili, i-TV nemali engangoR20 000.
Kuthiwa uMamokgethe wayekhona endlini nezingane zakhe ezimbili ngezikhathi kwenzeka lokhu kodwa kabazange balinyazwe bona.
Kuzoqala ngoLwesihlanu ukuqulwa kwamacala kanti abasolwa bona bagqunywe esitokisini.