UVELE enkantolo yemantshi, eThekwini, izolo, owesifazane (44) waseTanzanisa, obanjwe neshaqa lezidakamizwa ezingabiza uR289 000.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa ophiko olulwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa, nokusetshenziswa kwezibhamu ngokungemthetho, alunywe indlebe ngowesifazane ofike efulethini elisemgwaqweni uVernon, eBerea, eThekwini nalezi zidakamizwa.
“Kubikwe ukuthi izidakamizwa bezisuka eMozambique, zizodayiswa eThekwini, njengoba zitholakale kowesifazane okuvele ukuthi ifulethi afikele kulo yilapho kuqhutshwa khona umshikashika wokudayiswa kwazo.
“Kuthe amaphoyisa ezama ukungena efulethini, avinjwa ngowesifazane, nokuthe esengene ngoshova ashaqa amaphakethe awu-14 ezidakamizwa i-heroine ewu-1.3kg, namaphakethe ayisithupha e-cocaine ewu-379 grams,” kusho uConstable Ngcobo.
Uthe owesifazane ube eseboshelwa icala lokutholwa nezidakamizwa, kanti uvele enkantolo izolo.