Usola ukuthi uthengelwe izinkabi ukuba zizombulala umndeni wowesilisa oyilungu leSikebhe odutshulwe wafa esemzini wakhe oQaqeni KwaMaphumulo ngoLwesine.
UMnuz Thulani Mhlongo (69) kuthiwa uhlaselwe abantu abangaziwa ngezikhathi zantambama, bambulala, kodwa bangathatha lutho.
ISikebhe inhlangano engenzi nzuzo, elwa nobugebengu bokwebiwa kwemfuyo ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal.
Inkosikazi yakhe, uNkk Thembelihle Mhlongo, ilandisa ngesigameko, ithe bebekhona bonke ekhaya ngesikhathi kwenzeka isigameko.
“Besihleli ekhishini, ubaba ecambalele kwazise ubesanda kushayisa etohweni lakhe. Kuqhamuke abesilisa, abafike bambuza kumzukulu, ophendule ngelithi usacambalele,” kulanda uNkk Mhlongo.
Uthe umzukulu unikele kumufi, eyomvusa, emazisa ukuthi kukhona abamcelayo.
“Uthe angafika kubona, ezozwa ukuthi bakhala ngani, bambuza umbuzo owodwa, bathi ‘uyiSikebhe wena?’, akabange esathola nethuba lokuwuphendula, bamdubula,” kusho uNkk Mhlongo.
Uthe konke lokhu kwenzeke phambi kwakhe nezingane ezivele zahlakazeka zayocasha.
“Bebengazifihlile ebusweni kodwa engikuqaphelile ukuthi abantu esingabazi. Ngiyasola ukuthi bathathwe ndawana thize ukuthi bazombulala, ngoba asibazi,” kuchaza uNkk Mhlongo.
Uqhube wathi babone sebehamba ukuthi kanti bebefike ngemoto.
“Ibipakwe emgwaqweni,” kusho uNkk Mhlongo.
Uveze ukuthi indawo yaKwaMaphumulo ibhekene nesihlava sokwebiwa kwemfuyo, wathi yingaleso sizathu umyeni wakhe waze wajoyina iSikebhe esikhathini esingangonyaka esedlule.
Uthe sibashiye bethuthumela isigameko kangangoba izingane ezifundayo azilubhadi esikoleni.
“Zinovalo lokuthi mhlawumbe bangahle babuye. Yena lo ababuze kuye ubaba, waze wayomvusa, ubukeka ethikamezekile ngisho nasemoyeni,” kusho uNkk Mhlongo, othe ufuna ubulungiswa ngokufa komyeni wakhe, wakhala nangokuthi abazi ukuthi bazomngcwaba ngani.
Okhulumela iSikebhe, uMnuz Joseph Manyathi, uthe babikelwe ngokubulawa kukaMhlongo.
Uthe zike zibe khona izigameko zokuhlaselwa, kubulawe amalungu enhlangano yabo.
“Kuyasikhalisa ukuthi thina uma sibamba umuntu ngemvubu, kuduma izwe lonke, kodwa uma sibulawa, kuyathuleka,” kusho uManyathi.
Uveze ukuthi igatsha labo laKwaMaphumulo alikabi naso isikhathi eside libunjiwe, wathi liqalwe emva kokudlanga kokwebiwa kwemfuyo kule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aKwaMaphumulo aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-69.
“Udutshulwe wafa Oqaqeni ngoLwesine,” kusho uConst Ngcobo.