UMNYANGO wezeMpilo kuzwelonke unxusa abantu ukuba baqhubeke nokulandela imiyalelo yokuvikela iCovid-19 ngoba zibukeka zenyuka izibalo zabahaqekayo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uMnuz Foster Mohale, uthe basacwaninga ukuthi kudalwa yini ukwenyuka kwezibalo zakamuva.
“Kubonakala kwenyuka izibalo zabantu abahaqekile ezifundazweni ezifana neKZN nezinye. Okwamanje akukho okuthusayo kodwa kuyadingeka ukuthi abantu bahlambe izandla, baqhelelane bagcine yonke imithetho ngoba akukaze kushiwo ukuthi iphelile iCovid-19,’’ kuchaza uMohale.
Uqhube wathi alukahlonzwa uhlobo noma umxhantela omusha weCovid-19 futhi ngeke baqinisekise ukuthi izwe selingene kwesinye isiwombe seCovid-19. Ugcizelele ukuthi abantu kufanele bazibheke ikakhulu ngoba kubhekwe emaholidini okuphela konyaka, kuzogujwa uKhisimusi.
“Siqgugquzela ukugoma kulabo abangagomile bese labo abagomile bahambe bayojova owokuchibiyela, ukulekelela umgomo. Uma kukhona umbiko sizobazisa abantu kodwa okwamanje abazibheke,’’ kweluleka uMohale.
wengeza ngokuthi umnyango wenza konke okusemandleni ukubhekana nesimo futhi uma kukhona okufanele abantu bakwazi, kuyomenyezelwa.
Ukhuluma kanjena nje uMohale, kuke kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kunodokotela waseThekwini, obexwayisa abantu ukuthi abaqaphele ngoba iCovid-19 ibuye ngenzinkani. ICovid-19 yagasela kuleli ngoMashi 2020, yashiya kukhalwa ngemva kokuthatha imiphefumulo yabantu abaningi.
Ukuhlasela kwayo kwakhahlameza umnotho wezwe ngesikhathi kumiswa kwasani ngenhloso yokunqanda ukusabalala kwayo. Lokhu kwaholela ekutheni kuvalwe ezinye izinkampani nezimboni kwanda isibalo sabantu abangasebenzi kuleli. Izwe namanje lisazama ukubuyela esimeni esejwayelekile.