UHLALELE ovalweni umphakathi waseNkande, eNquthu, ngezigameko esezithe chithi saka zokunyamalala kwabantu bese betholakala benqunyiwe betshingwe emhosheni nakwezinye izindawo.
Lo mkhuba kuthiwa uqale ngenyanga eyedlule lapho abantu bebenyamalala batholwe sebebulewe.
Esigamekweni sakamuva, kunyamalale uMnuz Sipho Samuel Dlamini (52) kanti sekuyophela isonto lesibili engaziwa ukuthi washonaphi.
Okudida umndeni ukuthi uDlamini wahamba ngabo-8 ebusuku ngoJuni 11 ekade elungisa imoto.
Izolo umndeni wakhe ubizwe abaseshi bawuphelezela kwayobhekwa esibhedlela, emakhazeni nasejele laseNcome kodwa babuye belambatha. Udadewabo, uNkk Sizakele Dlamini Xulu obekhathazekile emoyeni, uthe bambheke kuzona zonke izindawo kodwa abamtholi.
“Lo muntu wayekade ekhanda imoto egcekeni waphuma ngayo eyihlola wabuya, asazi washonaphi ngoba izimpahla sazifica emotweni kanti nokhiye bemoto nowendlu sabafica phansi. Kusuka lapho asiphindange sambona. Kube nomkhondo womuntu okuthiwa utholakale eshonile nokuthe uma sihamba siyombheka sathola ukuthi akusiye. Khona sithukile ngoba labo abanyamalale kuqala kunaye sebetholakale beshonile. Omunye watholwa edamini laseNcome ngemuva kokuthi kwaba nabantu bemoto ababecela usizo kuye,” kusho uNkk Dlamini Xulu.
Endaweni engekho kude naseNkande eSigqumeni, kwatholakala owesilisa owayegwaziwe, nowathokala esigangeni.
Kuthe ngesonto eledlule kwatholakala owesilisa wakwaKhumalo owaduka ngemuva kombungazo weqembu leNkatha ngemuva kokhetho.
Lona wesilisa okuvela ukuthi ubekhubazekile, kuthiwa wathathwa imoto eyathi izombeka ekhaya kodwa kwaba ukugcina ukubonakala kwakhe.
Abazibonela isidumbu sakhe kuvela ukuthi wayelimele kabi, ikhanda nesidumbu kuhlukene.
Kanti ekuqaleni konyaka, kuyona le ndawo, kwalahleka owesifazane ephuma emngcwabeni kamngani wakhe nowatholakala endaweni yaseMhlangeni elimele kabi emzimbeni.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sibusiso Zikode, uthe umphakathi usuhlalele ovalweni.
“Sekuyasabeka impela ukuhamba ngomnyama ngoba abantu banyamalala sekuhlwile. Kunentombazane yaseVryheid ebizongcwaba lapha endaweni, nayo idukile yatholakala emfuleni ingasenayo imilenze nezingalo. Yingakho sinqume ukubiza umhlangano ophuthumayo ngokubambisana namaphoyisa aseMondlo nezinhlaka zokuphepha zomphakathi ukuze sibuke lesi simo ngoba kubi impela. Kumanje kuduke umuntu wakwaDlamini naye akwaziwa ukuthi washonaphi ngoba wanyamalala ebusuku,” kusho uZikode oveze ukuthi bakhathazeke kakhulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele usiqinisekisile isigameko, wathi bacela ukuthi noma ubani onolwazi lokuthi uDlamini ukuphi ababikele ngokushesha.
“Ngosuku anyamalale ngalo ubegqoke ijakhethi empunga nebhulukwe eliluhlaza okwesibhakabhaka. Siyanxusa ukuthi othola umkhondo abikele amaphoyisa aseMondlo, uDetective Constable Shongwe ku-071 520 3831 noma ashayele inombolo yeCrime Stop * -08600 10111,” kusho uColonel Mbele. Uthe basaphenya ngalaba abanye abashonile kodwa akukaboshwa muntu.