INYUNYANA yamaphoyisa KwaZulu-Natal, iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) igxeka izigameko zokubulawa kwamaphoyisa evile kwamane, okwenzeke esifundazweni esikhathini esifushane.
Esigamekweni sakamumva, kudutshulwe kwafa amaphoyisa amabili eCliffdale, ngaseHammarsdale ngempelasonto.
Abafi oCaptain Naveen Pather obengumphathi siteshi noWarrant Officer Dumisani Ndlovu obengumphathi wabaseshi ebebesebenza esiteshini samaphoyisa iHammarsdale, bebebizelwe endaweni yesigameko.
Kuvele ukuthi badutshulwe bafa umsolwa obesedubule esinye isihlobo sabebezongcwatshwa, nabo okuthiwa ubabulale ngeledlule eClermont.
Kwesinye isigameko, okuthiwa senzeke eMpangeni, kudutshulwe kwafa elinye iphoyisa.
UNobhala we-Popcru KwaZulu-Natal uNkk Nthabeleng Molefe uthe banxusa wonke amaphoyisa ukuthi aqikelele ukuphepha kwempilo yawo kanjalo nomphakathi uma ebona ubungozi.
“Awazisebenzise ngokushesha izibhamu zawo uma ebona ingozi iseduze. Ukubulawa kwamaphoyisa kudala ukuthi kungabi bikho ukuphepha emphakathini, kuphinde kungabi nazinzo,” kusho uNkk Molefe.
Ugcizelele ukuthi ukubulawa kwamaphoyisa kufanele kuthathwe njengecala elinzima futhi kuyafana nokuthi owenza leso senzo usuke evukela uMbuso.
Uthe banxusa abanegunya lokuchibiyela umthetho ukuthi bawubuyekeze ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwamaphoyisa.
Uphinde washaya indesheni emphakathini, ethi awusebenzisane namaphoyisa, ungapholisi maseko ukubika izehlakalo zobugebengu.
“Siyawunxusa ukuthi uphinde usukumele nomsuka wodlame nesihluku okubonakala kubhebhetheka emiphakathini. Le nkinga ingalunga uma sonke singabambisana ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi yethu iyindawo ephephile kuwo wonke umuntu,” usho kanje.
Nokho uthe bakushayela ihlombe ukuthi amaphoyisa aqinisekisile ukuthi umsolwa oyedwa uyaboshwa, kwathi omunye amthela othulini.
Esigamekweni saseCliffdale, bekulungiselelwa umlindelo kaNobuhle Majola (16) noNksz Nomfundo Majola (23), okuthiwa umsolwa ubebadubule kwaBhontshisi eClermont ngoMgqibelo odlule. Esigamekweni ugcine ebulala uNkk Thulile Majola (67) noNksz Phindile Majola (38). Umsolwa utholwe esikhotheni endaweni ngeSonto, emva kokubaleka nenxeba.
Esigamekweni saseMpangeni, abasolwa ababili abagcine beboshwa, badubule babulala uCaptain Khubisa, igama lakhe elingatholakalanga. UKhubisa obengekho emsebenzini, kuvela ukuthi ubone izigebengu zibamba inkunzi, wangenelela, kanti zizovele zimdubule.
Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesihlanu eNewlands, kudutshulwe kwabulawa uConstable WD Hulley, naye odutshulwe yizigebengu engenelela kubanjwa inkunzi.