INHLANGANO, i-Abatho Batho Congress (ABC) KwaZulu-Natal, inxusa uMasipala weTheku ukuba aqinise ezokuphepha zikamengameli wabo, uMnuz Philani Mavundla, oyiphini lemeya kulo masipala.
Lokhu kulandela ukubulawa kukanogada wakhe.
U-Inspector Xesibe Lothe, obeyiphoyisa likamasipala ebeliqapha uMavundla, udutshulwe washona ngoLwesithathu ebusuku.
Umholi we-ABC kulesi sifundazwe, uMnuz Bonga Nzuza, utshele abeDaily News (abasesitebeleni esisodwa naleli phephandaba) ngeSonto ukuthi iqembu labo likhathazekile ngokuphepha kukaMavundla ngemuva kwalesi sehlakalo, wanxusa ukuthi kuqiniswe ezokuphepha kuyena.
“Uma abantu bebulala inja yakho, kucacile ukuthi kuqondwe wena kodwa inja yakho iyabaphazamisa noma ibimi endleleni yabo yokuthola wena,” kusho yena egcizelela ukuthi kungenzeka uMavundla ahlaselwe kungekudala.