UKHALA ngamaphoyisa umndeni wowesifazane owashona emlilweni, kusha imijondolo eKenville, eThekwini, ngoJulayi nonyaka.
UNksz Nomthandazo Dawood (30) waseMbazwana, KwaMhlabuyalingana, wayenezinyanga eziyisishiyagalombili ezithwele ngesikhathi umjondolo wakhe uthungeleka ngomlilo ngezintatha zangoJulayi 14.
Lo wesifazane uye yedwa owashona kulesi sehlo, abanye bashelwa imijondolo engaphezu kuka-270.
Udadewabo, uNksz Nompumelelo Nxumalo, utshele Isolezwe, ukuthi kusuka ngoJulayi 14 kuze kube yimanje, izihlobo zakhe zisahleli ematilasini.
Ukhale ngamaphoyisa enza into engaqondakali ngemiphumela yolibofuzo lukamufi, ekubeni ayethembisile ukuthi azophuthuma.
“NgoJulayi 17 emva kwesigameko, abaseshi bafika ekhaya eMbazwana, bezothatha amasampula olibofuzo kumama. Bathembisa ukuthi imiphumela izobuya ngokushesha ngoba udadewethu uye yedwa oshone emlilweni,” kusho uNksz Nxumalo.
Uthe aze athembisa nokuthi kuzojutshwa iphoyisa elilodwa ethimbeni lawo ukuthi liwahambise lona amasampula ePitoli.
Uthe kwaphela amasonto amabili kuthule, kuthe ngo-Agasti 1, bathola ukuthi ima ezowahambisa umsheshi amasampula.
“Umseshi, obeseziba izingcingo zethu, uze washayela ucingo isihlobo ngo-Okthoba 10, ethi asilethe umama eRichards Bay, ukuze ezothatha amanye amasampula ngoba lawa awathatha ngoJulayi angenwa yizintuli,” kusho uNksz Nxumalo.
Uthe lokhu kubahluthulile, bazibuza nemibuzo eminingi.
“Sibuhlungu ngokuthi kuthathe isikhathi eside kangaka ukuthi sisizakale, ukuze sizofihla udadewethu ngesizotha,” kukhala yena.
Uthe okunye okubaphatha kabi ukuthi babethenjisiwe ukuthi kuzoshesha njengoba kungafanga abantu abaningi, kwaba udadewabo kuphela.
“Uma sekwenzeka ngale ndlela, sesisola ukuthi akazange wawahambisa ngokushesha amasampula awathatha ekuqaleni aze angenwa ukungcola njengoba esho. Kungenzeka futhi ukuthi wawalahla,” kubeka uNksz Nxumlo.
Uthe okubuhlungu nje ukuthi izalukazi zomndeni ezihleli etshalini, sezize zingenwa ukugula ngenxa yobude besikhathi.
Uthe ngokosiko lwabo, abakwazi ukushiya umatilasi, baqhubeke nempilo bengakangcwabi.
“Okunye okubuhlungu ukuthi ingane (12) kamufi yokuqala isizame ukuzibulala kathathu ngenxa yalokhu,” usho kanje.
Uthe banxusa izikhulu zamaphoyisa ukuthi zilulandele udaba, ukuze bakwazi ukufihla isihlobo sabo ngesizotha, esesihlale emakhazeni izinyanga ezintathu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe imiphumela yolibofuzo eyenziwa yabuya inogcobho.
“Kwabonakala isidingo sokuthi kuphinde kuthathwe amanye amasampula emasontweni amabili edlule, aphinde athunyelwe okwesibili. Amaphoyisa asalinde imiphumela yalapho,” kusho uNetshiunda.