UGQANYELWA yi-Orlando Pirates kuphela njengeqembu elingakwazi ukubabangisa isicoco seBetway Premiership, uManqoba Mngqithi ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns, esibe ngompetha beligi amahlandla ayisikhombisa kulandelana.
Ngokubona kukaMngqithi obekhuluma nabezindaba ePitoli, kulandela ukunqoba ngo 2-1 kwiRoyal AM koweligi, iPirates iyona kuphela engazama ukubahlala emhlane kodwa nayo kunezivivinyo okusafanele idlule kuzona.
“IPirates kuphela engiyibona ingasijaha embangweni wesicoco kodwa nayo kusekhona amabhawodi okusafanele iwaqinise kuqala,” kusho uMngqithi kwabezindaba.
Uthe nokho kwayona iPirates usafuna ukuyibona kahle ukuthi izobe ikuliphi izinga uma izinto sezishubile ibhekene nemidlalo yeligi kanjalo neyeCaf Champions League. Womabili la maqembu angenile esigambe samaqoqo seChampions League esizoqala ngenyanga ezayo.
Njemanje abambene ngamaphuzu awu-12 kwi-log kwazise alikho elisahluliwe emidlalweni emine. ISundowns iqhwakele ngenxa yesibalo samagoli.
“Ngiyibhekile iPirates uma sekushubile kwiligi nakwiChampions League ukuthi inawo yini amava okumelana nobukhulu bomthamo ngokwabadlali.
“Okunye iPirates okusafanele ikulungise ukugwema ukubanjwa amaqembu athathwa njengamancane. Ngaphandle kwalokho, iqine ngokwanele ukuthi kube iyona futhi esijahayo nakule sizini,” kusho yena. Ngempelasonto edlule iPirates iphoxwe omakoti beligi iMagesi, beyikhipha kwiCarling Knokcout.
UMngqithi usale engeneme yize ezakhe ziqoqe amaphuzu agcwele kwiThwihli Thwahla.
“Kunomkhutshana engiwuqaphelile wokuthatha kancane umdlalo okufakazelwa ukungashayi kwethu amagoli afana namathuba esiwakhile.
“Kulungile kodwa ngoba isikimu besishintshile ngiyakwamukela ukuthi bekufanele kube nalokhu kuthikamezeka okubekhona,” kusho uMngqithi.
Yize iqembu lakhe lishaywe okokuqala kule sizini umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, usale enelisekile ngakubonile.
“Yebo, umphumela mubi kodwa indlela esidlale ngayo ingiqinisa idolo ngemidlalo ezayo,” kusho uMaduka.
“Besibhekene nelinye lamaqembu angcono e-Afrika ngakho-ke akukho engingakuhlaba kubadlali bami ngabakwenzile ngaphansi kwezimo abebebhekene nazo,” kusho uMaduka.
NgeSonto, iSundowns izobuyela enkundleni koweligi nePolokwane City, e-Old Peter Mokaba Stadium ngo-3.30 ntambama.
IRoyal AM idlala neSekhukhune United kusasa ngo-3.30 ntambama eHarry Gwala Stadium.